UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, usemukele bonke abazogijima kwiComrades Marathon ngeSonto kulesi sifundazwe.
Uthe ujabule kakhulu ngoba iComrades Marathon iza namathuba amaningi omnotho.
“Sifisa ukwamukela bonke abagijimi KwaZulu-Natal, sisho ukuthi sikulungele ukubasingatha kule mpelasonto. Siyazi beza nemindeni nabangani abazobe bezobaseka. Sithanda nokwamukela abantu abazobe bebuka lo mjaho, izivakashi zezemidlalo nabezindaba abavela emazweni omhlaba,” kusho uNkk Dube.
Abagijimi bazobe besuka eMgungundlovu beza eKingsmead Cricket Stadium, eThekwini, okuyibanga eliwu-87.7km.
IComrades Marathon wumjaho ohamba phambili emhlabeni jikelele kanti uheha abagijimi bakuleli nabakwamanye amazwe.
UNkk Dube-Ncube uthe iComrades Marathon ingenisa imali emnothweni waKwaZulu-Natal futhi ihlanganisa bonke abantu bakuleli.
“IComrades ikhangisa isifundazwe sethu kubantu bakwamanye amazwe bese ingenisa imali kwezokuvakasha. Kuhlale kusijabulisa ukubona abantu bazo zonke izinhlanga bemile, beseka abagijimi ezindaweni ezihlukene lapho bedlula khona. Kuba nokubambisana okuhle kubo bonke abagijimi njengoba besuka besekana baze bayoqeda lo mjaho,” kuchaza uNkk Dube-Ncube.
Uthe iKwaZulu-Natal izoqhubeka nokweseka iComrades Marathon ngokunikela ngemali eklonyeliswa abagijimi abanqobile nangokukhokhela indawo okulala kuyo abagijimi abampofu.
“Lo mjaho usudonse iminyaka eyela kwewu-100, lokhu kukhombisa ukuthi nabantu bayakwazi ukubekezela. Kuhlale kumnandi ukubona abantu bevakashela iKwaZulu-Natal. Silindele ukuklomelisa abazonqoba ngeSonto. Siyathemba ukuthi imiklomelo izosala KwaZulu-Natal,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uphethe ngokuthi bonke abagijimi beComrades Marathon bangomanqoba ngoba banesibindi sokungenela lo mjaho omkhulukazi emhlabeni jikelele