UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube, uhlanganyele nezinhlaka zezomthetho wahambela izindawo zokucima ukoma ezahlukene eNanda, Ntuzuma naKwaMashu, ngenhloso yokulwa nodlame lwangokobulili.
UNkk Dube-Ncube uthe, okudale ukuthi bahambele izindawo zokucima ukoma yingenxa yokubhoka kwezigameko zodlame, nesibalo esiphezulu samacala odlame abikwa eziteshini zamaphoyisa.
Edalula amacala adla lubi, uNkk Dube-Ncube ubale awokudlwengula, namanye abucayi wathi enzeka ezindaweni zokucima ukoma, ikakhulu lezo ezingenazo izimvume zokusebenza.
“Lezi zindawo sithola ukuthi azinazo izinsizakusebenza ezifanele, njengamabhathini acishizwayo uma kunesimo esiphuthumayo nokunye okwelekelela ukuthi kubikwe ubugebengu masinyane emaphoyiseni aseduze,” kuchaza uNkk Dube-Ncube.
Wathi enye inhloso yokuhambela izindawo ukuthi babheke ukuthi lezo ezisemthethweni ezidayisa utshwala, ziyayigcina yini imithetho yokuhweba. Wathi okunye abakubhekayo ukuthi abazithengiseli izingane ezincane utshwala noma bavule izindawo zabo noma sesishayile isikhathi sokuthi zivalwe.
UNdunankulu uqhube wathi uhulumeni ukhathazekile ngokuthi siyenyuka isibalo samacala odlame oluthinta ubulili, enzeka ezindaweni zokucima ukoma, ikakhulu ezingenazo izimvume zokusebenza.
“Sigasele kungazelelwe ngoba bekukhona izikhalazo ebesizitholile emphakathini ngomsindo ongabekezeleleki oqhamuka kulezi zindawo zokucima ukoma ikakhulu ebusuku,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Unxuse abanikazi bezindawo ukuthi bacabangele umphakathi abahweba eduze kwawo ngokuthi behlise umsindo futhi bahloniphe amahora okuvula izindawo zabo. UNdunankulu uncome amaphoyisa ngokwenza umsebenzi omuhle ngokubopha izephulamthetho ezevile ku-5000 ngesikhathi samaholidi.