UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal uNkk Nomusa Dube-Ncube, usechithe imibiko yokuthi kunabafundi abasabhuqwa yindlala ezikoleni ngenxa yokuthi azikutholile ukudla.
Uthe uphenyo olwenziwe luveze ukuthi lezo zikole zikutholile ukudla.
UNkk Dube-Ncube obephendula imibuzo yamalungu esiShayamthetho izolo mayelana nezakamuva ngohlelo lokuphakelwa kwabafundi ezikoleni zesifundazwe njengoba sekuphaka osonkontileka abasha, uthe zike zabakhona izihibe ezikoleni ezimbalwa kodwa inkinga yaxazululwa.
Uthe nabaholi bamaqembu ahlukene bazibophezele ekutheni baqaphe ngelokhozi ukuthi abafundi bayadla nsuku zonke.
“Ayilona iqiniso imibiko yokuthi akufikanga ukudla kwezinye izikole. Uphenyo luveza ukuthi ukudla kwafika. Kuyadumaza ukuthi abanye abaholi bafaka ipolitiki kulolu daba.
“Kumele sibagade labo abafuna ukuqoqa amaphuzu ezepolitiki, asibambisane ukuze kuthuthuke umphakathi,” kusho uNdunankulu.
Amalungu e-IFP ne-DA abuze ukuthi bazokhokhelwa kanjani labo asebephakile njengoba kunemibiko yokuthi ngesikhathi ukudla kusahanjiswa inkampani iPacina Retail, eyayithole lo msebenzi wokusabalalisa ukudla ezikoleni zesifundazwe, awekho ama-invoice afakazela isibalo sokudla okwahanjiswa.
UNkk Dube-Ncube uthe zazikhona izisebenzi zomnyango wezemfundo okuyizo ezazisho ukuthi yikuphi ukudla okufikile nokungafikanga.
Ubuye waveza ukuthi basathola umbono wezomthetho besebenzisana nommeli kahulumeni, mayelana nenkontileka yePacina.
Uthe le nkampani yahluleka ukuhlangabezana nesivumelwano eyasisayina nomnyango, ngezinkinga ezabakhona okubalwa nokuhanjiswa kokudla okungaphelele.
Uveze nokuthi kunokuhanjiswa kwesobho okwakungazange kuvunyelwane ngalo, ibanga elide elahanjwa ngababelanda ukudla, ukungathengwa kwegesi ezikoleni nokunye.
Uveze ukuthi ongqongqoshe abehlukene bahambela izikole ngoMeyi 2, ukuyobheka ukuthi kuyadliwa yini ezikoleni.
“Sinxuse zonke izinhlaka zomphakathi ukuthi zisebenzisane nohulumeni ngokuthi zisibikele uma kunezinkinga ukuze sikwazi ukungenelela ngokushesha. Asifuni kube nokuphazamiseka ekuphakelweni kwabafundi,” kuqhuba uDube-Ncube.
Uthe osonkontileka abangu-1746 bayaqhubeka nomsebenzi wokuhlinzeka abafundi ngokudla ezikoleni zesifundazwe.
Eyokungadli kwabafundi iqubule omkhulu umsindo njengoba noNobhala Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, alibeka ngembaba kuNgqongqoshe wezeMfundo esiFundazweni uNkk Mbali Frazer, ukuthi kukhona okumele athathelwe izinyathelo ngokufekela kwalolu hlelo.
IPacina isanda kukhala ngokudla okufana nezitshalo okungamaklabishi nezithelo okudingeka ikulahle ngoba sekonakele.
Le nkampani iveze ukuthi ike yasiza abanye osonkontileka abebengenayo imali yokuthenga ukudla abazokuyisa ezikoleni njengoba umnyango ungakabakhokheli.