NONTUTHUKO NGUBANE
UNINA wesihlabani somculo wokholo uSfiso Ncwane osanda kugixabeza umfundisi wakhe ngomnikelo wemoto ka-R1.9 million uthe ufuna indodana yakhe ibuyele ekhaya njengoba isinesikhathi yabhunguka.
Kusukela ngeledlule uNcwane uzithintele kubalandeli bakhe abebemgxeka ezinkundleni zokuxhumana ngalesi sipho sonyanyavu lwemoto emhlophe i-AMG Mercedes-Benz GL 63 V8 ayinikelele umfundisi uFrancis Anosike ngeSonto eledlule.
Izindaba zokuvela kukanina uNksz Fikile Ncwane (60) ekhala ngokungondliwa ilomculi kodwa ebe enikela ngemoto ebizayo kumfundisi kuqhubezele ulaka lwabalandeli ezinkundleni zokuxhumana.
Izolo emini uNksz Ncwane uzwakale ohlelweni lukaJacintha Ngobese iVuma FM Brunch lapho abeze akhihle isililo echaza ngokunganakwa indodana yakhe futhi engamondli njengoba ne-friji lishaywa umoya ekhaya.
Abalandeli bakaNcwane bazwakalise ukudinwa balibeka ngembaba elokuthi lo mculi akabuyise imoto bese ondla unina.
UNksz Ncwane ethintwa Isolezwe ukuqinisekisile ukuthi indodana yakhe isimlahlile njengoba isithengela abefundisi izipho eziphambili.
“Anginandaba nemoto indodana yami eyithengele umfundisi wayo. Engikufunayo wukubuyela ekhaya sizoxoxa.
Ngifuna ukwazi ukuthi unenkinga yini ngami njengoba ngamgcina ngoFebhuwari ekhaya. Wayekade ezongilethela ukudla emuva kwalokho akaphindanga wabuya. Uma ngimfonela akatholakali. Angazi inkinga ikephi njengoba engasangondli,” kuzikhalela uNksz Ncwane.
Unina walo mculi ubesebhoka ekhahlela ngezintatheli ezingena zidedelana kwakhe, ezinye zifona amahora ngenxa yalo lolu daba. “Ngane yami kade ngikhuluma ngalolu daba. Angisafuni ukuqhubeka nokukhuluma. Izintatheli angizazi, angizange ngizibize kwami. Zifikile zizobuza ukuthi ngiphila kanjani njengoba indodana yami ithenge isipho semoto yasinika umfundisi. Ngivele ngabakhombisa ifriji ebelingenakho ukudla njengoba namanje akukho. Manje sengiphekwa ngemibuzo, ngilokhu ngikhuluma into eyodwa. Bakithi nalezo zintatheli azifiki ngisho namanzi lapha. Engikudingayo indodana yami ukuba ibuye ekhaya, ingangilahli,” kusho uNksz Ncwane.
Ebuzwa ngo-Ayanda ngalolu daba uphendule kanje:
“Angifuni nokuliphatha igama laloyo (Ayanda), akukho engingakusho ngaye,” kusho uNksz Ncwane.
Isolezwe lihoshe umoya wokuthi unina kaNcwane ucheme nonina bezingane zikaNcwane abasuke belwisa u-Ayanda. Kuthiwa ababhekani nomakoti wakhe ngenxa yawo umbango othinta izingane azithola engakashadelwa.
“Izingane zendodana yami ezimbili ziyafika lapha zizongivakashela. Enye ihlala eKapa nonina. Anginankinga nazo, abazukulu bami. Okunye angikwazi,” usho kanje. Kuthintwa u-Ayanda ophethe izindaba zomyeni wakhe u-Sfiso, uthe akukho abazokuphawula ngalolu daba.
“Ngiyaxolisa kakhulu sisi, niyiphephandaba esilihloniphayo kakhulu nomyeni wami kodwa uNkulunkulu ukhulumile nathi wathi kumele sithule singakhulumi lutho. Asikakakulungeli ukuphawula ngodaba oluthinta umama ngalesi sikhathi. Siyakuhlonipha lokho. Uma sesikulungele ukukhuluma, sizoza kuwe sikhulume konke,” kusho u-Ayanda.
Umlaleli weVuma fm ozibize ngoThule uthe: “Ingiphatha kabuhlungu le nto kaSfiso. Sengathi yenziwa umuntu ophuzayo (utshwala). USfiso akahambe ayolanda imoto kumfundisi bese ondla unina. Uhlelo lweVuma luvalwe ngengoma kaSfiso ethi Kulungile Baba.