Abombutho wamasosha kuleli okuyiSouth African Defence Force (SANDF), bafongqa isigqoko bacela ukuthi ubhekisiswe umethethosivivinywa ongavumela ukuthi amasosha ahuqe insangu esemsebenzi.
AbeSANDF bebephawula ngemuva kokuthi iPhalamende licele imibono ngomthetho wokusebenza kwensangu.
IPhalamende linikwe umnqamulajuqu kaSepthemba nonyaka, ukuthi lichibiyele umthetho ngemvume yokuthi abantu bazibhemele insangu emakhaya abo. I-SANDF ithe uma kugunyazwa ukuthi abantu babheme insangu lapho behlala khona kuyosho ukuthi amasosha azoyibhema esemsebenzini ngoba ahlala khona.
Umbutho uthe kungaba nobungozi ukuvumela amasosha ukuthi ahuqe insangu esenkanjini ngoba kungalimala noma kufe abantu.
“Izindawo zokuhlala amasosha zithathwa njengamakhaya awo ngokubona kwethu. Okusho ukuthi uma uphasa umthetho uyobe ubavuna ukuthi basebenzise insangu khona,’’ kusho abeSANDF benza izethulo.
Umnyango wezoBulungiswa uthe kuyobe kuphambene nomthethosisekelo ukuthi uma umthetho uphasa bese abeSANDF benqabela amasosha ukuthi asebenzise insangu.
UMnyango ukhala ngokuthi uma umthetho uphasa usuke usho ukuthi uzosebenza yonke indawo ezweni, ngeke kube nezindawo lapho ongasebenzi khona. AbeSANDF ababodwa kulesi sikhalo kodwa kungene nohulumeni waseWestern Cape.