SIQALE sathi ukushuba isimo phakathi kommeli u-Advocate Zandile Mshololo neJaji uRatha Makgoatlheng, ngaphambi kokufundwa kombiko wemizila yemoto yabaphenyi becala lokubulawa kukaSenzo Meyiwa.
U-Advocate Mshololo umele ummangalelwa wesihlanu uMnuz Sifisokuhle Ntuli okuthiwa naye uyathinteka ekufeni kukaMeyiwa.
UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe eVosloorus, eGauteng ngo 2014. Umbiko ngokuhamba kwemoto ucelwe emuva kokuthi abamangalelwa bethe abaphenyi babentanta nabo ngemoto bebashaya.
IJaji lanquma ukuthi akulethwe umbiko wemizila yezimoto kubhekwe ukuthi zazihamba khona yini lapho okusho khona abamangalelwa. Ungoti wemizila yezimoto uMnuz Michael Du Preez ucelwe ukuba alungise umbiko azowethula enkantolo.
UMnuz Du Preez uthe esefikile kwasuka umsindo, u-Advocate Mshololo ethi bafisa ukuwubona kuqala umbiko ngaphambi kokuthi wethulwe enkantolo. Ijaji likhombise ukungahambisani nalokho kodwa uMshololo waphikelela. Bebekhuluma baze bangenane emlonyeni kubonakala ukuthi ziyathathana.
“Nkosi yenkantolo, sicelile ukubona umbiko kwathiwa asikwazi ukunikwa wona ngoba ukwi-laptop, sathi sicela ukuhlala naye uMnuz Du Preez asikhombise,’’ kusho u-Adv Mshololo.
Kulapho-ke iJaji eliqonge khona lathi ngeke kwenzeke lokho, kufanele kwethulwe umbiko bese abameli bephosa ufakazi imibuzo uma bethanda. Lithe liqeda ukusho lokho u-Advocate Mshololo waphikelela wathi akavumelani nakho.
“ Abukho ubulungiswa lapho nkosi yenkantolo,’’ kusho u-Adv Mshololo. Ijaji ligcine selikhuluma sakukhushukelwa wumoya libhekise kuyena.
“ Senginqumile ngalolu daba Nksz Mshololo, uma ungeneme ngalokho ungasedlulisa isinqumo sami. Uyazizwa ukuthi uthini kodwa? Ufuna ukuthi niwubuke umbiko kuqala, yini inkinga kanti? ‘’ kubuza ijaji ngokunengeka.
Lugcine lugobile uphondo kummeli u-Advocate Mshololo, wethula umbiko kwangaqedwa. Inkantolo iguqile kwathiwa icala lizobuyela namuhla baqhubeke balalele umbiko wemizila yezimoto.