UMHOLI wethimba labaphenyi becala lokufa kukaSenzo Meyiwa, uBrigadier Bongani Gininda, uthe izitatimende zebhange zikammangalelwa wesibili uMnuz Bongani Ntanzi, zikhomba ukuthi unamanga ngendawo ayekuyona ngosuku lwesigameko.
UGininda unguMkhuzi weNational Cold Case Investigative Unit ekomkhulu lamaphoyisa ePitoli, ehhovisi lomkhuzi wombutho. Uthe icala lokufa kukaMeyiwa lalethwa kubona ngoba lase lehlule njengamanye avame ukunikwa bona.
UGininda ubethula ubufakazi ecaleni lokufa kukaMeyiwa, owadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo ngo-2014, eVosloorus, eGauteng. UGininda uthe uNtanzi waqamba amanga kabili ngokuthi wayekuphi.
Uthe waqala waqamba amanga wathi wayesemsebenzini, uma kuyobuzwa khona kwathiwa wayengekho. Uthe bafika emayini ayesebenza kuyona kwathiwa ngaphambi kosuku lwesigameko uNtanzi wangena wahlala amahora amabili emsebenzini wase ehamba isigubhukane.
Uthe abaqashi bathi uNtanzi waze wabuyela emsebenzini ngasekuqaleni kukaNovemba 2014. UGininda uthe okwesibili uNtanzi wathi wayeKwaNongoma waze wakhipha imali ebhange futhi isitatimende kufanele simfakazele kulokho.
UGininda uthe indaba yaKwaNongoma ingamanga aluhlaza futhi banobufakazi balokho.
“Nkosi yenkantolo sacela ukuthola isitatimende sasebhange nesiveza ukuthi akaze ayikhiphe imali KwaNongoma ummangalelwa wesibili. Izitatimende engikhuluma ngazo zikhona futhi nabameli banikwa zona,’’ kusho uGininda.
Uthe abamangalelwa owokuqala nowesibili bawavuma amacala baze bayokhomba lapho okwenzeka khona isigameko. Uthe ummangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya, wavuma icala wabayisa nasenyangeni yakhe aya kuyo emuva kwesigameko.
Uthe ngesikhathi beqeda ukuphenya bahambisa idokodo kwabezokushushisa abafika bavuma ukuthi kufanele abamangalelwa bathweswe icala lokufa kukaMeyiwa.
Uthe badlulela enkantolo beyofuna incwadi egunyaza ukubopha nakhona bafika bayithola ngaphandle kwezinkinga. Okunye okuqaphelekile wukuthi abamangalelwa bafike beboshwe ngozankosi. Lokhu kulandela isigameko sokutholana phezulu nojele ngoMsombuluko enkantolo.
Ithimba lojele bekubukeka sengathi lengeziwe futhi belihlome kakhulu lilekelelwa amaphoyisa ekugadeni abamangalelwa. Kulindeleke ukuthi icala libuyele namuhla enkantolo.