UMHOLI webandla lamaNazaretha, iNazarites Church of God, uMfundisi Mthembeni Mpanza uMalusi, uveze ukuthi wuyena owagcotshwa emva koThingolwenkosazana ukuhola ibandla lamaNazaretha.
UMfundisi Mpanza ukusho lokhu ngesikhathi ibandla ligubha iminyaka engu-13 lasungulwa, emcimbini obuseMariannhill, ngasePinetown.
"Ngayalelwa yingelosi uHlaleleni eyathi ithunyelwe yiNkosi Ilanga ukuthi ngiphume eBuhleni ngiyokwakha indlu kaJehova. Ukwakha indlu kaJehova wukusungula ibandla. Yafika kaningi kimina ingitshela ukuthi ngiphume eBuhleni kodwa nginqaba.
Ngaze ngahlaselwa ngabefundisi abangu-18 bezongichitha ethempelini engangiliphethe. Bafike bahluleka ukungikhipha. Base behlela ukuthi bangikhiphe ngomhlangano ka-Okthoba ngo-2010.
Ingilosi yaphinde yabuya yangitshela ukuthi uma ngize ngaxoshwa ebandleni ngeke ngisakwazi ukuvula ibandla kodwa ngiyogcina sengiphuza utshwala ngize ngife ngingelutho. Yingakho ngamemezela ukushiya kwami eBuhleni ngoSepthemba 30 ngo-2010. Inkosi uThingo yamemezela ukuthi ngingalwiswa kodwa kukhona ababefuna nokungibulala," kusho uMfundisi Mpanza.
Uthe wayenqume ukuthi agcotshwe ngo-Ephreli 3, ngo-2011 njengomholi weNazarites Church of God kodwa wayalelwa yingelosi ukuthi umcimbi wokugcotshwa kwakhe ungenzeki ngalolo suku ngoba kuzobe kunenkonzo engeyinhle ezulwini.
Uthe wayengazi ukuthi kusho ukuthini lokho kanti kwakuwusuku okuzobe kutshalwa ngalo uThingo ayengazi ngalo ngoba lwalungakakhothami.
Uthe ingelosi yamtshela ukuthi akumele agcotshwe uThingo lusaphila kodwa yafika yamgcoba ngoMashi 26 ngo-2011. NgoMashi 28 ngawo lowo nyaka uthe nebala kwafika umbiko othi uThingo selukhotheme lwaze lwatshalwa ngo-Ephreli 3, 2011.
Kulo mcimbi bekukhona owayengumphathi woKhozi FM, uMnuz Bonga Mpanza obephethe uhlelo, ilungu lePhalamende, uSolwazi Mathole Motshekga, obengesinye sezikhulumi ezibalulekile emcimbini, uthe amabandla ase-Afrika njengelamaNazaretha, ZCC namanye yiwona kuphela angakhipha izwe ebugqileni.
“Amabandla asentshonalanga yiwona acindezela abantu abamnyama. Enza sengathi kwakudaliwe ukuthi umuntu omnyama uyohlupheka abe yisigqila sabanye abantu.
Iqiniso wukuthi lokho kungamanga futhi abantu besilisa nabesifazane badalwe ngokulingana. Kungamanga ukuthi kwakhishwa ubambo lowesilisa kwakhiwa owesifazane.
Mina ngaphuma enkolweni yamaLuthela emva kokuthola ukuthi umsunguli wayo, uMartin Luther King, wayenobandlululo oluyinqaba futhi enezimfundiso okungezona.
Abantu abamnyama abaqalanga ukuba khona ngesikhathi sokuqala kweBhayibheli, babevele bekhona futhi bewakha namabandla okudumisa uNkulunkulu. Singavumeli ukukhohliswa ngenhloso yokucindezelwa," kusho uSolwazi Motshekga.
Emcimbini bekukhona nabefundisi bamabandla ahlukene. Kubuye kwaba nomgido womama, iNgudlungudlu, noweNhlalisuthi abesilisa.