UMNYANGO wezeMpilo kuzwelonke usola ubugebengu bezikhungo zokusoka ezingekho emthethweni nenkani yokungafuni ukuhlolwa odokotela njengoba lenyuka izinga labantu abashona beyosoka e-Eastern Cape.
Babalelwa ku-14 abakhwetha (abasuke beyosokwa) asebeshonile njengoba kuqale isikhathi sokuya entabeni kulesi sifundazwe.
Phakathi kwabo kukhona nendoda eneminyaka engu-50 ebiyosoka kwagcina kuyenele.
UMnuz Popo Maja, okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uthi bahlala beshumayela minyaka yonke ukuthi isiko lokusoka kufanele liqhutshwe ngendlela ephephile engeke ibeke impilo yabantu engcupheni.
“Siyasazi isimo sase-Eastern Cape futhi sikhathazekile ngaso, kuningi esikwenzayo ukuzama ukunqanda ukushona kwabantu. Siyasebenzisana neCongress of Traditional Leaders of South Africa (Contralesa) nezinhlaka zokugcinwa komthetho.
“Abazali kufanele baqinisekise ukuthi izingane zihlolwa ngodokotela kuqala ngaphambi kokusoka,’’ kusho uMaja. Kuthiwa uma sekusondele isikhathi sokusoka ziningi izikole ezingoqhibukhowe ezivelayo zithi zisoka abantu, zibakhokhise imali.
Inqwaba yabantu abashonile kuthiwa abakoNgcobo, Mdantsane, East London, Mbizana naseNyandeni.
Leli siko lihlala liqhutshwa minyaka yonke uma sekuyisikhathi saphakathi nonyaka futhi kuvamile ukuthi kubikwe inqwaba yabantu abashonayo. Abanye baphuthunyiswe ezibhedlela besesimeni esibi, lapho bafike basinde, bagcine bengawuphonsi umbalane.
UMohale uthe bayalihlonipha kakhulu leli siko lokusoka entabeni kodwa wathi ngeke kubekezelelwe ukufa kwabantu.
Uthe bazoqinisekisa ukuthi labo abatholakala beqhuba umsebenzi wokusoka ngokungekho emthwethweni bayaboshwa bashushiswe.
“UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabau esifundazwe Eastern Cape ulusingethe lolu daba.
“Sizobambisana nawo namaphoyisa ngoba ayaphithiza endaweni, abheke izikhungo ezingekho emthethweni,’’ kusho uMaja