IPHINI leNhloko yamaJaji kuleli iJaji Mandisa Maya, linike uMkhonto weSizwe (MK), umnqamulajuqu wanamuhla ukufaka amaphepha uma bephikisa, i-IEC esicelweni sayo sokudlulisa isinqumo senkantolo ngodaba lokufakwa ephepheni lokuvota igama lowayengumengameli, uJacob Zuma.
Izwe lilungiselela ukhetho lukazwelonke oluzoba ngoMeyi 29, lapho okulindeleke ukuthi zidlane imilala uma amaqembu esebanga amavoti.
Wongaphansi nongaphezulu phakathi kwe-IEC neMK abafakana ezinkantolo.
AbeMK bamile ekutheni iyoze iyochithana ngoba yona ayijiki iya okhethweni futhi izimisele ngokunqoba, iphathe izwe.
UZuma ngoDisemba nyakenye umemezele iqembu elisha iMK wathi usehamba nalo, uzolikhankasela futhi aleseke okhethweni.
I-IEC yasefa uZuma yamkhipha ohlwini ithi walahlwa yicala wagwetshwa kanti umthetho uthi akufanele umuntu onjalo aye ePhalamende.
UZuma neMK balwedlulisela eNkantolo yezoKhetho udaba, bafike balunqoba.
I-IEC ngokungeneliseki kwayo ngesinqumo senkantolo yamemezela ukuthi iyalwedlulisa udaba luya eNkantolo yoMthethosisekelo.
I-MK ilokhu iwanqobe njalo amacala ebifakelwe wona ezinkantolo zakuleli.
Icala lokuqala yilapho i-ANC ebiphosela khona inselelo isinqumo sokubhalisa nokwemukela iMK njengeqembu.
I-IEC yagunyaza ukubhaliswa kweMK yahamba yayosimela isinqumo sayo enkantolo, i-ANC yakhala ngaphansi.
Kuphinde kwaba necala elifakwe yiyona futhi i-ANC, eNkantolo eNkulu eThekwini kubangwa uphawu loMkhonto weSizwe.
I-ANC iphinde yakhala ngaphansi kulolu daba yehlulwa futhi yamemezela ukuthi izosedlulisa lesi sinqumo ngoba ayeneme ngaso.
Olunye udaba yilolu lokungena kukaZuma ohlwini lwabaya ePhalamende.
Kwenzeka konke lokhu nje, i-IEC isivele iwagayile amaphepha okuvota futhi ubuso bukaZuma buyavela njengokunguyena ongumholi weqembu iMK.