UKHATHAZEKILE umndeni womfundi ka-Grade 10 osekuphele amasonto aduka.
U-Amanda Phungula (15), waseYellowood Park, eThekwini, kuthiwa uduke ngoJuni 24.
Kuthiwa waphuma endlini eya ezitolo akaphindange wabuya.
Udadewabo, uNksz Ntombizethu Phungula, uthe abasazi kumele bambheke kuphi ngoba sekunesikhathi ahamba ekhaya bengazi ukuthi uphi.
“Waphuma ekhaya eYellowood Park engashongo lutho, akazange asho ukuthi uyaphi. Sike sithole izingcingo ukuthi ubonakala eMlaza noma kwezinye izindawo. Sigijime siye khona singamfici. Asazi ngempela ukuthi kwenzekani,” kusho uNksz Phungula.
“Ayikho ingxabano eke yaba khona noma okuthize akhononde ngakho ngaphambi kokunyamalala. Yikho sixakekile ukuthi washonaphi,” kusho uNksz Phungula.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uqinisekisile ukuthi kuvulwe icala lokulahleka komuntu emaphoyiseni.
Kunxuswe ongaba nolwazi ukuba athinte amaphoyisa aseduze.