UXOSHISWE ngenkomo uSihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, ngesikhathi eyokotha inkosi uZuzifa Buthelezi esanda kubekwa esihlalweni. UMncwango uhambele esigodlweni KwaPhindangene, oLundi, izolo, eyokotha inkosi base bebhunga ngokunye.
UMncwango ufuqa umkhankaso wokuthi uMasipala weTheku ushintshwe igama ubizwe ngoMntwana waKwaPhindangene, ongumsunguli we-IFP. UMncwango wakumemezela esidlangaleni lokhu wathi uzokusukumela ukuze kwenzeke.
Inkosi uZuzifa iyinkosana yomsunguli we-IFP ongasekho inkosi Mangosuthu Buthelezi, ekhothame ngoSepthemba nonyaka. Umndeni wakwaButhelezi usanda kumemezela inkosi uZuzifa njengokuyiyona ethatha isihlalo.
Umhlangano ovumelane ngegama lenkosi entsha kuthiwa ubuhanjelwe abamele izindlu zakwaButhelezi ezingu-22. I-ActionSA ibe ngeyokuqala emaqenjini ezepolitiki ukuyokotha inkosi yakwaButhelezi selokhu ingenile esihlalweni.
UMncwango uthe bebeyokotha inkosi beyihalalisele bese becela izibusiso zayo ngesiphakamiso abafuna ukusifaka eMkhandlwini weTheku.
“Besihlose ukuthi inkosi siyihalalisele futhi i-ActionSA ibe ngabokuqala ukwenza lokhu. Siyajabula ngoba inkosi ingene esihlalweni ngesihle, akukho mbango nomsindo. Siyibikelile inkosi ukuthi sizofaka isiphakamiso sokuthi uMasipala weTheku ubizwe ngoMntwana waKwaPhindangene,’’ kusho uMncwango.
Uthe babonga ukuthi bemukeleke kahle inkosi yakwaButhelezi yamnyathelisa ngenkomo. UMncwango uthe inkosi imnikile izibusiso ngesiphakamiso sakhe, yathi ayinankinga naso. UMncwango uthe naye wethule inkomo akhuleke ngayo enkosini kodwa wamangala nayo uma imnika inkomo.
UMncwango uthe bazosifaka isiphakamiso futhi bazimsele ukukhuluma namanye amaqembu ukuze lokhu kuphumelele. Uthe nakuba benezihlalo ezine emkhandlwini kodwa sebekhombisile ukuthi imikhankaso yabo iyaphumelela uma bexoxa kahle namanye amaqembu.