Usihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, unqumele uMasipala weTheku ugwayi katiki ukuthi uphendule ngezimoto zamaphoyisa omkhandlu ezibonakale ziphelezela aboMkhonto weSizwe. UMncwango uthe izimoto akhuluma ngazo bezisemcimbi weMK KwaMashu, ngempelasonto.
Isolezwe linayo incwadi ebhalwe wuMncwango eyibhekise kuMnuz Musa Mbhele, oyimenenja kaMasipala weTheku. UMncwango encwadini, ucela uMbhele ukuthi aphendule, uze amnike izinsuku eziyisikhombisa ukwenza lokho.
UMkhonto weSizwe yiqembu elisanda kwethulwa owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, ethi usehamba nalo akasayingeni eye-ANC. Leli qembu liphansi phezulu liyakhankasa ezindaweni ezehlulene.
UMncwango uthe amaphoyisa oMkhandlu weTheku abeyingxenye yohide lwezimoto zoMkhonto weSizwe ekuqaleni kwaze kwaba sekugcineni. UMncwango uthe uyakuqonda ukuthi amaphoyisa omkhandlu ayalekelela ukuhamba kwezimto kodwa unemibuzo.
“Babesifakile yini isicelo sokuthi kuze amaphoyisa ezobalekelela? Safakwa wubani, nini, kanjani? Mina selokhu ngaba khona angikaze ngibone amaphoyisa kamasipala eba yingxenye yezimoto zeqembu likhankasa,’’ kusho uMncwango.
UMncwango uthe uyithumelile incwadi kuMbhele, wathi uyitholile uyedlulisele ezikhulwini zamaphoyisa omkhandlu ukuthi zichaze ngalolu daba.
Uthe okumenza asole kakhulu wukuthi iMeya yeTheku uMnuz Mxolisi Kaunda, ike yayamaniswa naleli qembu, isolwa nangokuthi iyalekelela ngezisinsiza. UMncwango uthe akanabo ubufakazi bokuthi uKaunda uhlangene naleli qembu kodwa amahlebezi akhona.
UKaunda uphendulile ngalokhu ecacisa ukuthi akahlangene naleli qembu futhi akukho ake alixhasa ngakho.
UMncwango uthe uyazi nangodaba losopolitiki abagadwa amaphoyisa kaMasipala weTheku kodwa bebe bengeyona ingxenye yomkhandlu, wathi nalo basazolusukumela kube ncane indawo.
Ibamba likaKhomishana wamaphoyisa omkhandu weTheku, uSibonelo Mchunu, uthe amaphoyisa abo ayemenywe wuphiko lweSAPS emhlanganweni wokuhlela ezokuphepha. UMchunu uthe ngokuyalelwa wumthetho amaphoyisa abo aya futhi iqhaza lawo kwakuwukuqinisekissa ukuthi izimoto zihamba ngendlela.
Uthe lokhu kusuke kwenzelwa ukuphepha kwawowownke umuntu ngaleso sikhathi. Uthe umthetho uyabagunyaza ukuthi balawule izimoto ezisuke zisemgwaqweni womphakathi ukugwema izingozi.