UNAMATHELE ephuzwini lokungahlonishwa kwamalungelo kammangalelwa izolo, ummeli ecaleni lokubulawa kukalowo owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa.
Lokhu kwenzeke ngesikhathi u-Adv Thulani Mngomezulu ongummeli kammangalelwa wokuqala uMuzikawukhulelwa Sibiya nowesibili uMnuz Bongani Ntanzi, ephosa ngemibuzo ufakazi, uSergeant Vusumuzi Mogane.
UMngomezulu ukhale ngokuthi lanyathelwa ilungelo likaNtanzi lokuthi kungapheli amahora angu-48 engabekwanga icala, wavela enkantolo.
Uqale wahlaba eyokuthi uNtanzi wahanjiswa eNkantolo yeMantshi yasePhokeng, ngoJuni 22, 2020, esikhundleni sokuthi ayiswe kweyaKwaNongoma, lapho okuthiwa icala kwakungelakhona.
UMogane uzithethelele ngokuthi kwakukude ukuthi kwakungayiwa KwaNongoma kanti futhi ayemaningi amacala ayeyamaniswa noNtanzi.
“Kodwa mina ngikhathazeke ngamahora angu-48. Waboshwa ngoJuni 16, 2020, wangayiswa enkantolo yaKwaNongoma ngecala unombolo 163/10/2018. Ngaleyo ndlela isikhathi esingamahora angu-48 esibekelwe ukuthi umsolwa avele enkantolo singakapheli emva kokuboshwa kwakhe, sadlulelwa yisikhathi,” kusho uMngomezulu.
UMogane uphikile wathi akuvumi lokho ngoba uNtanzi wayenelinye icala laseVosloorus, ngakho babona kungcono ukuthi ayiswe khona kunaKwaNongoma ngoba kukude.
“Lokho kwenza kube kubi kakhulu ngoba inkantolo yaseVosloorus ayizange ifake nelilodwa lamacala kaNtanzi ohlwini lwamacala ayezoqulwa ngalelo langa,” kusho uMngomezulu.
UMngomezulu ugcine ethi uzoliyeka leli phuzu, abuye alivuse ngokuhamba kwesikhathi uma sekufika isikhathi sokwenziwa kwezethulo zokugcina.
Icala liyaqhubeka namuhla.