ABAMELI ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, bathi ummangalewa wokuqala waphoqwa ukuthi ayokhomba umuzi wakubo kaKelly Khumalo. UMeyiwa owayengunozinti we-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo eVosloorus, eGauteng, ngo-2014.
UMbuso umi ngokuthi ummangalelwa wokuqala uMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya nowesibili uMnuz Bongani Ntanzi, balivuma icala lokubulala uMeyiwa.
Ufakazi woMbuso uLieutenant Colonel Nkosikhona Radebe, uthe uSibiya ongummangalelwa wokuqala wabakhombisa indawo yesigameko. URadebe izolo ubephekwa ngemibuzo ngabameli babamangalelwa.
URadebe uthe uSibiya walethwa kuyena esiteshini e-Alberton, kwathiwa ufuna ukuyokhomba indawo yesigameko. Uthe wafundela uSibiya wonke amalungekho akhe, wamsayinisa amaphepha wase ehamba naye eya kubo kaKelly.
“Wathi kimi akayazi kahle i-Alberton kodwa uma ngingamthatha ngimuse ekuqaleni kweVosloorus angabona lapho afuna kuyiwe khona. Ngamthatha ngambeka ngasezitolo, wathi useyabona, wase esihola ehamba esikhombisa saze safika,’’ kusho uHadebe.
Abameli bakhuze bababaza, bathi ikhasimende labo alikaze lizifunele ukuyokhomba kodwa konke elakwenza lalingaphansi kwengcindezi emuva kokushaywa. U-Advocate Thulani Mngomezulu omele uSibiya, uthe uRadebe wayengawo amava afanele okusingatha lo msebenzi wokuyokhonjwa kwendawo yesigameko.
Uthe futhi ngesikhathi ehanjiswa uSibiya kwakukhona amaphoyisa ophiko lweTRT ayehlome eyizingovolo futhi washaywa kanzima.
“Waboshwa eTembisa, ngo-Meyi 30, washaywa kanzima wayiswa egunjini thizeni likamasipala lapho afike khona wahlukunyezwa. Uthe akaze nje anikhombise indlela eya endaweni yesigameko, akakwazi nalapho yena, wazi ihostela laseVosloorus ngoba wake wahlala khona,’’ kusho uMngomezulu.
Omunye ummeli, u-Advocate Charles Mnisi, usole uRadebe ngokuthi wayeyivukana ngesikhathi esingethe udaba lukaSibiya.
“Wawungakabi naso isipiliyoni ngesikhathi wenza lo msebenzi wokuhambisa umuntu uma eyokhomba indawo yesigameko,’’ kusho uMnisi.
Kulindeleke ukuthi icala libuye namuhla kuqhutshwke nokuphekwa ngemibuzo kukafakazi.