Kuqopheke umlando ngesikhathi uNdunankulu omusha waKwaZulu-Natal, uThami Ntuli, ememezela ungqongqoshe wokuqala owaziwa ngokuthandana nobulili obufana nobakhe.
UNtuli umemezele ilungu leDA, uMartin Meyer njengoNgqongqoshe weMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda.
Ukuqokwa kwakhe kwenzeke ngenyanga okuqwashiswa ngayo ngazo zonke ezithinta abathandana nobulili obufana nobabo uJuni nebizwa ngePride Month.
UMeyer, oke waba yikhansela eThekwini, uyaziwa nangokuba yisishoshovu samalungelo abathandana nobulili obufana nobabo.
Owayengumholi wentsha yeDA, uMbali Ntuli ubhale ekhasini lakhe leTwitter ukuthi ucabanga ukuthi uMeyer ungqongqoshe wokuqala othandana nobulili obufana nobakhe eKZN.
"Ube yiqhawe elihle lamalungelo eLGBTI esifundazweni futhi ngiyathemba ukuthi noma ngabe ubani othandana nabantu banoma ngabe yibuphi ubulili obekhathazekile ukuthi banendawo yini kwezombusazwe ezweni uyabona ukuthi banayo," kubhala uNtuli.
Uthe ukumemeleka kubalulekile kubantu abebeshiywe ngaphandle futhi becindezelekile ikakhulukazi kulo mkhakha nakulesi sifundazwe.