UFUNA kungabhekwa kude uma sekuphenywa uyise wentombazanyana etholwe isifile ngoLwesithathu emva kokuduka ngoMsombuluko emijondolo yaseZinkawini, eClermont.
Isidumbu sikamufi, uNonkanyiso Mathonsi (3), kuthiwa sitholwe ngemuva komjondolo osondelene nowakwamngani (4) wakhe agcine ukubonwa edlala naye ngoMsombuluko. Kuthiwa besinengozi esiphongweni.
Uyise, uMnuz Muziwendoda Mathonsi exoxa neSolezwe uthe, umseshi uqeda kubatshela ukuthi umufi udlwenguliwe.
Uthe nasemakhazeni baqaphela ukuthi umufi unenye ingozi eyophele ngaphakathi enhlafunweni. Wathi inkulu kunale ebebeyibone esiphongweni ngoLwesithathu.
Echaza ngokunyamalala kukamufi uthe, unina obelokhu emqalaza bude buduze nasemjondolo wabo, lapho abedlala khona, ukuqaphele ngabo-5 ntambama ngoMsombuluko ukuthi unyamalele.
“Sithole ukuthi umngani (4) wakhe abedlala naye ufike wazothathwa enye ingane (6) yakubo baya komunye umjondolo oqhelile. Sizwa kuthiwa ubebalandela kodwa ingane (6) imtshela ukuthi akaphindele emumva,” kusho uMathonsi.
Uthe ubhekwe khona lapho umufi, belekelelwa nawomakhelwane, befuna yonke indawo.
“Kuthe uma engatholakali, sabikela amaphoyisa, afika nawo azosibhekisa,” kusho uMathonsi.
Uthe baze baya ngisho nakulo mjondolo okuthiwa kuye kuwo umngani kamufi nengane yakubo, bafika kukhiyiwe.
Uthe umufi uphinde wafunwa yonke indawo nangoLwesibili kodwa wangatholakala, wathi uze watholwa ngoLwesithathu, ebekwe ngemumva komjondolo osondelene nowakubo kamngani wakhe.
“NgoLwesithathu umphakathi uphinde wahlangana ngenhloso yokuqhubeka nokufuna. Kulokhu kwavezwa ukuthi sizojoyinwa amaphoyisa ahamba nezinja futhi kuzovulwa yonke imijondolo kubhekwe phakathi,” usho kanje.
Uthe bebesacinga kolunye uhlangothi lwendawo ngesikhathi bethola umbiko wokuthi ingane isitholakele.
“Lapho itholakale khona sibhekile ngoMsombuluko nangoLwesibili. Kusixakile ukuthi itholakale khona ngoLwesithathu,” kusho uMathonsi.
Uthe bakholwa ukuthi umsolwa ukhona endaweni futhi uzwile ngesikhathi kukhulunywa indaba yamaphoyisa nezinja nokuthi kuzovulwa yonke imijondolo kufunwe phakathi.
“Uthe kusho ukuthi kuthe uma ebona kuyoqalwa kolunye uhlangothi, wasala wayikhipha endlini, wayibeka lapho igcine itholwa khona,” kusho uMathonsi.
Uthe nakuba bedidekile ukuthi ubani umuntu obazwise ubuhlungu obunje kodwa unesiqinieko sokuthi umuntu oseduze.
Uthe bakhona ababili afisa amaphoyisa abaphenyisise.
“Amaphoyisa uma esephenya, sengathi angangabashiya,” kusho uMathonsi.
Lokhu kufakazelwe nayilungu lomphakathi ebelisekhaleni lokufuna umufi, uMnuz Sibusiso Zibula, othe akungabhekwa kude uma sekuphenywa.
Amaphoyisa akakwazanga ukuphendula imibuzo ngalolu daba bekhala ngokuhlushwa uhlelo lwabo lokubheka amacala avuliwe.