UMANGALELWE enkantolo uMasipala waseThekwini ngodaba lwamapayipi endle echithekela olwandle.
Izolo i-ActionSA ifake amaphepha eNkantolo eNkulu eThekwini lapho ifuna khona ukuba kuphoqwe umkhandlu ukuba ulungise amapayipi endle aqhumile.
Umkhandlu umangalelwe noNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, uNgqongqoshe wezaManzi neNhlanzeko, uMnu Senzo Mchunu, kanye nohulumeni waKwaZulu-Natal.
Amabhishi amaningi eThekwini ahlale isikhathi eside evaliwe kulo nyaka ngenxa yokutholakala kwegciwane i-E.coli.
Amanye alamabhishi avalwa emva kokuhlasela kwezikhukhula zango-Ephreli, ezacekela amapayipi okuthuthwa kwendle, nokwaholela ekutheni indle igcine igelezele olwandle.
Amanye amabhishi avalwe ngoMeyi kulandela ukutholakala kwe-E.ecoli.
Yize amabhishi amaningi esevuliwe, akhona abengakaze avulwe.
Emaphepheni asenkantolo i-ActionSA ifuna ukuba uMasipala waseThekwini uphoqwe ukuba uqashe inkampani ezimele ezohlola nsuku zonke ukuthi amanzi akuleli dolobha aphephile yini.
Umholi we-ActionSA KwaZulu-Natal, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe kuyabaxaka ukuthi kungani kuthathe isikhathi eside ukuthi kulungiswe umonakalo owadalwa izikhukhula emapayipini okuthutha indle.
“Umengameli uMnuz Cyril Ramaphosa wathembisa ukuthi uzokhipha uR1 billion ozolekelela ekulungiseni umonakalo owadalwa izikhukhula zango-Ephreli. Phezu kwalesi sethembiso indle iyaqhubeka nokugelezela emizini yabantu nasolwandle.”
UMncwango usigxekile isinqumo sikaMasipala waseThekwini sokuvula amanye amabhishi abevaliwe.
“Lesi sinqumo sithathwe kuxhanyazelwa. Imibiko yabacwaningi abazimele ikhombisa ukuthi liphezulu kakhulu izinga legciwane i-E.coli emabhishi aseThekwini. Lesi sinqumo sibeka engcupheni impilo yabantu.”
UMncwango uthe ukutholakala kwe-E.coli emabhishi aseThekwini akugcini ngokubeka impilo engcupheni, wathi kepha kuphinde kubeke engcupheni ezokuvakasha.
“Njenge-ActionSA sizokwenza isiqiniseko sokuthi siyayilwela imiphakathi yaKwaZulu-Natal. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi uhulumeni uyawenza umsebenzi wakhe.
Okhulumela uMasipala waseThekwini, uMnuz Msawakhe Mayisela, uthe bebengakawatholi amaphepha afakwe i-ActionSA, kepha wathi bakulungele ukubhekana nayo enkantolo.
Uthe kuyabakhathaza ukuthi kube namaqembu ezepolitiki asebenzisa isimo esibhekene nomasipala ukufeza izinhloso zepolitiki.
“Akekho umuntu ongazi ukuthi sahlaselwa izikhukhula kwaze kwaba kabili. Mukhulu umonakalo owadalwa ilezi zikhukhula.”
UMayisela uthe likhulu ibanga asebelihambile ukulungisa umonakalo owadalwa izikhukhula.
Uthe njengamanje benza imizamo yokuthi kushaye uDisemba wonke amabhishi esevuliwe.
“Iqiniso ukuthi mancane kakhulu amabhishi asavaliwe. Sifuna ukuthi kushaye umhla ka-1 (Disemba) onke esevuliwe.”