UMPHAKATHI waseShakaville, KwaDukuza, uthukuthele uyaveva ngesenzo sozibiza ngomfowabo omncane weNkosi uJesu Khrestu, uMphostoli uMthobisi Khuzwayo, osolwa ngokuphendula abafundi basezikoleni zendawo izimbuqu zotshwala.
UMphostoli (25), osezibiza ngoMphostoli Anasinyego (athe kusho ukuthi Othembekileyo kaNkulunkulu), uzishaya isifuba ngokwelapha abanye abafundi baseTshelenkosi High nabaseZiphozethu Primary amadimoni ngokubaphuzisa ubhiya.
Amanye amalungu omphakathi athe sekuwame emphinjeni ukudakiswa kwezingane zabo ngotshwala yile nceku.
“Izingane seziyeqa ezikoleni noma ziqube endleleni ngenxa yokuyozigxinxa ngotshwala kuleli bandla.
“Siwumphakathi sesifuna nokuwudingisa lo mndeni kule ndawo ngenxa yokuthi miningi imikhuba oyenzayo kule ndawo,” kusho leli lungu.
Umfowabo kaMthobisi, esiligodlile igama lakhe, uvumile ukuthi le nkolo kaMphostoli Anasinyego seyihlakaze phakathi umndeni. “Yena nomama bakule nkolo yobuSathane kanti mina nabanye ekhaya asihambisani nale nto.”
Uthe nasemndenini uMphostoli nonina abasanambithiseki kangangoba baze babizelwa emhlanganweni ngoLwesihlanu ukuba bahlukane nale nkolo.
“Kunamalungu omndeni aseshone ngendlela engaqondakali selokhu bangena kule nkolo.
“Kunezithombe besehlathini, kudliwa inyama yezilwane ezingaqondakali.
“Manje sebengenwe nawumkhuba omubi wokuphuzisa izingane utshwala zigqoke umfaniswano wesikole.
“Sibabi manje emphakathini nezinsongo siyazithola,” kusho ilungu lomndeni elithe lolu daba sebeze balubika nasemaphoyiseni nakusonhlalakahle.
“Sasifuna ukuvulela umfowethu icala kodwa athi akakwazi ngoba ayikho into ayonile.” Nomunye ukhale kakhulu ngale nkolo, ayichaze ngokuthi iyidungamuzi.
“UMthobisi usebenzisana nalo mfundisi waseGoli odlisa abantu izinyoka notshani.”
UMphostoli uvumile ukuthi usenyamanambana emndenini kodwa wathi ngeke ahlukane nale nkolo ngoba ulandela umyalelo kaNkulunkulu.
“Mina ngiholwa yiZwi elikuJohani 14:1-14. UJesu wathi okholwa nguye nayimisebenzi yakhe yena uyokwenza okukhulu kunaye.
“Ngilandela iZwi, yingakho abantu bengangiqondi ukuthi ngenza imisebenzi engiyithunywe nguBaba oseZulwini.
“Abasekhaya basalandela imisebenzi yasemhlabeni.”
UMthobisi uvumile
ukuthi uke wayalelwa uNkulunkulu ukuba aphendule utshwala bube yigazi likaJesu bese elapha ngalo amadimoni.
“NoJesu wayekwazi ukuphendula amanzi abe yiwayini, futhi welapha impumputhe ngokuyigcoba udaka emehlweni. Ngisaqhubeka lapho kwagcina khona ubhuti wami omdala, uJesu.” Eqhuba uMphostoli, uthe yena noMphrofethi wodumo wokudlisa abantu uphethroli nezinyoka, uPenuel Mnguni we-End of Times Disciples Ministries, bayalamana ngokomoya.
Uthe uqale ukungenwa yile nkolo kusukela ngo-2013 ngemuva kokuqeda isikole.
“UNkulunkulu wabe esengibiza engifundisa ukuveza amandla akhe. Unginikeza imiyalelo ehlukahlukene ukuba ngikhombise amandla akhe kubantu,” kuphetha lo mshumayeli.
Unina kamphostoli, uNkk Nozipho Khuzwayo wenqabile ukuphawula.
*Isolezwe NgoMgqibelo linayo i-video kamphostoli ephuzisa abafundi ubhiya.