UMCWANINGIMABHUKU uTsakani Maluleke, uhlabe wahlikiza abaphathi be-SABC, ekhala ngokuthi akakwazi ngisho ukucwaninga amabhuku ayo le nhlangano ngendlela okunhlakanhlaka ngayo.
Wethule umbiko wakhe umcwaningimabhulu ePhalamende elandisa amalungu ngodaba lwe-SABC.
“Anginabo ubufakazi obanele bokuthi ngikhiphe umbiko emuva kokubheka amabhuku abo ezimali. Kuvela sengathi abamile kahle ngokwezimali ngoba bayehluleka wukukhokha izikweleti zabo,’’ kusho umcwaningimabhuku. Uthe i-SABC ilahlekelwe yinzuzo ka-R 1.127 billion.
Ihhovisi lakhe linomthwalo wokucubungula amabhuku ezikhungo zikahulumeni nazo zonke izinkampani ezingaphansi kwawo.
I-SABC ingenye yalezi zinkampani futhi ihlala ixakwe yizinkinga.
Ukhale nangokuthi i-SABC imangalelwe kakhulu, amacala asezinkantolo okuyinto evezwe njengekhathazayo.
“Imiphumela yamacala asenkantolo ayikwazi ukuvela okwamanje futhi nomthelela wawo kunzima ukuwuveza okwamanje. Ikomiti elicwaninga amabhuku belingekho ngesikhathi sezimali ebesisibheka kanti umthetho uthi kufanele libe khona,’’ kuqhuba umbiko.
Kuvele nendaba yokuhlala isikhathi kungaqokiwe ibhodi le-SABC okuthiwa kube momthelela omubi ekusebenzeni kwayo. UMengameli Cyril Ramaphosa uze waqoka ibhodi le-SABC ngo-Ephreli nonyaka sekunezinyanga eziyisithupha laphelelwa yisikhathi ibhodi elidala.