Umholi wePatriotic Alliance uGayton McKenzie uthe uzonikela esikhwameni esisiza ukuthungatha izingane ezilahlekile ngawo wonke umholo wakhe wasePhalamende.
UMcKenzie ufungiswe njengelungu lePhalamende ngoLwesihlanu ngemuva kokuthi iqembu lakhe lithole izihlalo eziyisishiyagololunye kade kunokhetho lukazwelonke ngoMeyi 29.
UMcKenzie ubhale ekhasini lakhe leTwitter ukuthi uzonikela ngomholo wakhe.
“Ngaphandle komholo wami, ngizophinde nginikele ngenye imali ezikhwameni. Ngiyethemba ukuthi lokhu kuyaqeda ngokuthi ‘uyele imihlomulo nomholo’,” kubhala uMcKenzie.
Phambilini waveza ukuthi uzonikela enhlanganweni iJoslin Smith Foundation. UJoslin (6) wanyamalala kubo eSaldanha, eWestern Cape ezinyangeni ezine ezedlule futhi akakaze atholakale.
Uphinde waveza ukuthi uzimisele ngokuba wungqongqoshe yize ekuqonda ukuthi akusona isinqumo sakhe kodwa sikamongameli.
Iqembu lakhe liyingxenye yohulumeni wobambiswano ne-ANC, DA ne-IFP.
Ngemuva kokhetho wathi ufuna ukuba wuNgqongqoshe wezaseKhaya noma owamaPhoyisa.