UMBUSO ukhathazwa ukushintshashintsha abameli othi kwenziwa abanye abamangalelwa ecaleni elithinta izibhelu zomtapo, idokodo lalo elingamakhasi angu-17 000.
Ubufakazi bedokodo buqukethwe kwi-USB. Amakhasi alo angu-10 000, anobufakazi obuyizingxoxo okuthiwa zaziphakathi kwabamangalelwa kuWhatsapp.
Ngokwaleli dokodo, uMbuso uklelise ofakazi abangaphezu kuka-100 kodwa abangu-20 abazobizwa bazokwethula ubufakazi enkantolo.
Kwabazofakaza kubalwa ochwepheshe bezinkundla zokuxhumana nabanye abazi kabanzi ngobuxhakaxhaka besimanje.
Uqweqwe lomshushisi, u-Advocate Mahen Naidu, luthe ezingxoxweni eziwubufakazi ezisedokodweni kunezinkulumo eziqoshiwe (voicenotes) nezibhalwe phansi, amavideo nezithombe okuthiwa kwakuxhumana ngakho abamangalelwa abangu-64.
Laba bamangalelwa, abaqhamuka ezifundazweni ezehlukene, bavele eNkantolo eNkulu yaseThekwini izolo phambi kweJaji uJacqueline Henriques.
Abamangalelwa bathweswe icala lokubopha itulo lokususa udlambedlu emphakathini, ukugqugquzela udlame emphakathini, ubuphekula, ukuvukela uMbuso nokubopha itulo lokuzama ukubulala.
Enkantolo kuvele ukuthi obengummangalelwa ka-14, uNksz Ntombizonke Zanele Msalela, ushone ngasekuqaleni kwalo nyaka.
UNaidu uthe okudala ixhala manje yingqinamba yokuthi abamangalelwa bayapheka bathulula abameli.
“Sebeshintshe kaningi abameli, usuka kulona angene kulona bese omusha edinga isikhathi ukuze alungiselele icala,” kusho uNaidu.
Uthe ngenyanga edlule zichithiwe izicelo zabanye abamangalelwa zabameli bamahhala.
UNaidu uthe batshelwa abamangalelwa ukuthi bazozimela ngokwabo uma behluleka ukuzitholela okhokhelwayo.
Icala lihlehliselwe uJulayi 26 nonyaka ukuze kwenziwe izindlalelo zokuqala kokuqulwa kwecala.
Omunye wabamele ummangalelwa ukhale ejajini ngokubambezeleka okwenzekayo ecaleni. Uthe lokhu kubambezeleka kweminyaka kuphula amalungelo kammangalelwa.
Uthe uzoxhumana nommangalelwa bese ethatha isinqumo sokuthi uyasifaka yini isicelo ejajini sokuba icala lakhe liqulwe lodwa eceleni.