NKOSIKHONA CELE
UKHUTHAZA abefundisi ukuba bangazitheli ngabandayo kodwa bahambe bayothekela ulwazi ezikoleni zebhayibheli, uMbhishobhi Thamsanqa Ngidi ongumholi webandla, iDwala Lokuphila.
UNgidi onguRector wekolishi iRock Bible College (RBC), uthi kuyamkhulisa kakhulu emqondweni umfundisi ukuya emakolishi.
"Kuningi okuhle abefundisi abakuzuzayo ngokuya ekolishi lebhayibheli. Izikhathi seziguqukile manje akusefani nakuqala. Manje kuyadinga ukuba umfundisi aye esikoleni,'' kukhuthaza uNgidi.
Ugcizelele kakhulu ukuthi ukufunda akukhethi ibala, nabulili. Wathi yingakho bekhuthaza nabefundisi besifazane ukuthi bangalenzi iphutha lokuthi bahudule izinyawo, uma kukhulunywa ngokuya emakolishi ezebhayibheli.
"Kuyadingeka ukuthi abefundisi besifazane nabo singabashiyi ngaphandle uma sikhuluma ngokuyothekela ulwazi ezikoleni zebhayibheli,'' usho kanje uMbhishobhi.
UNgidi uqhube wathi ukholwa ukuthi indlela yokuziphatha kubefundisi abaye ekolishi iyehluka ngoba basuke sebehlome ngolwazi olwengeziwe ngaphezulu. Wathi ngenxa yaleso sizathu uyabakhuthaza ukuba baye esikoleni.
UMbhishobhi ugcizelele ukuthi ufisa ukusibona sikhula isibalo sabefundisi baseZayoni, abaya esikoleni. Lokho uthe ukholwa ukuthi kungalithuthukisa kakhulu ibandla libonakale lidlondlobala ngezindlela ezahlukene.
“Kungaba yinto enhle kakhulu ukubona senyuka isibalo sabefundisi baseZayoni, abathekela ulwazi emakolishi. Lokho kungachaza ukuthi sizokuba namabandla aseZayoni aholwa ngendlela enobuqotho nenenqubekela phambili,’’ usho kanje uNgidi.
Wengeza ngokuthi nezinto ezingamahlazo okuvamise ukuthi kutholakale abefundisi bebandakanyeka kuzona, zingagwemeka kalula nazo.
Ukhulume nangendumezulu yenkonzo yePhasika, ehlelwa yibandla wathi izosukela ngoMashi 29, iphume ngomhlaka-31. Iyobe isesakhiweni sebandla lama-Afrika, eLovu.