OWAYENGUMENGAMELI wezwe uMnuz Thabo Mbeki, ufuna kulungiswe izinkinga ezibhekene nenyuvesi yakuleli, i-Unisa.
UMbeki oyiShansela kule nyuvesi, uthe le nyuvesi akumele iguqiswe ngamadolo yizinkinga ezikhona yingakho kumele kubanjiswane ukuze zilungiswe.
"Kumele zilungiswe zonke izinkinga ezikhona kule nyuvesi. Yinyuvesi ebalulekile futhi esisebenzisana kahle kakhulu nayo. Minyaka yonke siba nesifundo ngosuku i-Afrika Day kule nyuvesi nezinye izinto eziningi esizenzayo kuyona yingakho kumele iphile eminye iminyaka engaphezu kuka-150,“ kusho uMbeki.
Ukusho lokhu izolo ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-150 kwasungulwa le nyuvesi.
NePhini likaMengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile noNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uDkt Blade Nzimande, bahambe emazwini kaMbeki wokuthi kulungiswe izinkinga ezikhungethe le nyuvesi.
UMashatile uthe kumele zixazululwe zonke izingqinamba ezikhona kule nyuvesi enkulu e-Afrika njengoba inezitshudeni ezevile ku-370 000 ngonyaka.
Uthe ikhona nakwamanye amazwe wathi uwonke wonke uyakwazi ukufunda kuyona.
“Kubalulekile ukuthi siqhubeke sivale igebe elikhona kwezemfundo ukuze noma iyiphi ingane ithole ithuba lokufunda. Sisabhekene nezingqinamba zabalaxaza ukufunda bengaqedile, ukushoda kwemali emkhakheni wemfundo ephakeme. Siyameseka uNzimande ekutheni lo mkhakha kumele uxhaswe ngemali ethe xaxa kodwa enye imali kumele siyinike uMnyango weMfundo eyisiSekelo.”
Uthe kuqopheke umlando ngokuthi le nyuvesi iphathwe ngumuntu wesifazane wathi baningi abaholi abafunda kuyona kubalwa nabalwela inkululeko.
UNzimande unxuse abezindaba ukuthi babike ngomcimbi wokugubha iminyaka engu-150, bangagxili ezinkingeni ezikhona.
Uthe eyezinkinga izobuye ikhulunywe wathi bafuna ukulungisa isimo ukuze le nyuvesi ingaphelelwa yisithunzi enaso.
“Asixazululi izinkinga ngoba sifuna ukuyiwisa bhu phansi kodwa sifuna ukulungisa izinto ukuze iqhubeke nokwenza kahle. Yinyuvesi ezala amanye kuleli okungamele iwe bhu,” kusho uNzimande.
Uthe u-50% wothisha bakuleli ukhiqizwa kule nyuvesi wathi bafuna iqhubeke nomsebenzi wayo wokufunda nokufundisa.
“I-Unisa akuyona eyamathenda, yingakho sifuna ukulungisa izinkinga ukuze igxile kweyakusungulelwa ukuthi ikwenze.”
Le nyuvesi igubha le minyaka nje igubuzelwe yifu lezinkinga ezithinta ukuphathwa kwayo.
Umphathi wayo uSolwazi Puleng LenkaBula, usezindabeni ngezinsolo ezehlukene okubalwa nokuthi wathuthukisa umuzi ahlala kuwona ngoR2 million.
Kukhona izinhlaka ezihlabe ikhwelo lokuthi le nyuvesi ifakwe ngaphansi komlawuli ozimele ukuze kulungiswe isimo sayo.
USolwazi LenkaBula uthe le nyuvesi ihamba phambili ezintweni eziningi kuleli nasemhlabeni jikelele.
Uthe bafuna ihambe phambili ocwaningweni wathi kumele zilungiswe izinkinga ezikhona.