UNOBHALA Jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula noSihlalo kaKhongolose uMnuz Gwede Mantashe, bathi akakhohlwe njengesidomu esikoleni uMengameli waseMelika, uMnuz Donald Trump, uma ecabanga ukuthi uzoshayela iNingizimu Afrika umthetho.
UMbalula noMantashe bakhumbuze uTrump ukuthi iNingizimu Afrika iyizwe elizimele, bathi izwe lizoqhubeka nokuzishayela imithetho ngaphandle kokugxambukela kwamazwe angaphandle.
Bakusho lokhu ngesikhathi bekhuluma ngempelasonto emicimbini eyahlukene.
UMbalula ubekhuluma emicimbini we-ANC eNorth West, wokubungaza usuku okwasungulwa ngalo i-ANC, uMantashe yena ubekhuluma eNanda, lapho obekunomcimbi wokukhumbula impilo yomholi wokuqala we-ANC, uMnuz John Langalibalele Dube.
Ubudlelwano phakathi kweNingizimu Afrika kabubuhle njengoba uTrump esanda kuhoxisa uxhaso lwezigidi zamarandi obelutholwa iNingizimu Afrika.
Ekuhoxiseni kwakhe uxhaso, uTrump ukhale ngokuthi iNingizimu Afrika ithatha umhlaba ngaphandle kwesinxephezelo, waphinde wathi kunokubulawa kwamaBhunu.
UMbalula uthe akusilona iqiniso lokhu okushiwo uTrump, wathi udukiswa yinhlangano i-AfriForum.
UMbalula uwuvikele umthetho wokuthathwa komhlaba nezakhiwo osanda kusayinwa uMengameli Cyril Ramaphosa, okuyiwo osuse uthuthuva.
“Ngeke sisonge izandla, silalele lokhu okushiwo uTrump. Le nto eyenziwa iMelika iwukugxambukela, siyakugxeka lokho. IMelika ihamba izifaka ezindabeni ezingayithinti, ifuna ukulawula umhlaba wonke. Awungitshele nje ukuthi iMelika ihlanganaphi nale mfundisoze eqhutshwa yi-AfriForum.”
UMbalula uthe bayayiseka imizamo kaRamaphosa yokubamba izingxoxo nohulumeni waseMelika.
“Ekugcineni kufanele kutholakale isisombululo kulolu daba. Isisombululo sizotholakala ngokuthi kube nezingxoxo.”
UMantashe yena uthe ukuba isikhondlakhondla kweMelika kwezomnotho akusho ukuthi kufanele ishayele amanye amazwe imithetho.
“Umengameli uyigcizelele lena yokuthi akufanele uvumele amanye amazwe ukuba akulawule ngenxa nje yokuthi ayizikhondlakhondla kwezomnotho. Ukuba nomnotho omncane akusho ukuthi sekufanele sivumele ukudlala amazwe ayizingqungqulu kwezomnotho.
“Ngeke imithetho yaseNingizimu Afrika ishaywe eMelika. Sizoqhubeka nokuzishayela imithetho ngoba siyasazi isimo salapha eNingizimu Afrika. Angeke sivume ukuthi kube nokugxambukela kwamanye amazwe. Angeke sivume ukuba izicathalala zamanye amazwe ngenxa nje yokuthi angcono kwezomnotho.”