UTHEMBISE ukuthi kuzophela lo nyaka isixazululekile inkinga yokucishwa kukagesi, oyiPhini likamengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile.
UMashatile uthe akakhulunyiswa ngukuthi kuzoba nokhetho futhi akakhankasi kodwa le nkinga bazimisele ukuyiqeda ngoba ikhahlameza umphakathi.
Ethula inkulumo ngesikhathi kunesifundo ngeminyaka engu-30 izwe lakhululeka eNyuvesi iJohannesburg izolo, ubalule ukuthi kuningi okwenziwe nguhulumeni kusuka ngo-1994.
“Ngifuna ukuniqinisekisa ukuthi kunezinhlelo esizisebenza ngokushesha zokuthi siqede ngenkinga kagesi kuleli. Ngiyazi aningikholwa, futhi nicabanga ukuthi ngiyakhankasa kodwa akunjalo. Yingakho ngithi ngeke iqedwe ngaphambi kokhetho kodwa izoqedwa ekupheleni kwalo nyaka.”
Uthe uma isiqediwe le nkinga ungqongqoshe kagesi uzobe esehlelela ingomuso.
“Abanye bamuzwa ethi emuva kokuqeda ngale nkinga uzobe esewuphothulile umsebenzi wakhe. Ngimtshele ukuthi emuva kokuqeda ngale nkinga kumele ahlelele eminye iminyaka engu-10 ukuthi singaphinde sibe nenkinga efanayo,” kusho uMashatile.
Uthe kumele kwakhiwe ezinye iziphehli zikagesi bese kusetshenziswa negesi ukuphehla ugesi.
Uthe balubheke ngabomvu ukhetho lukazwelonke olungoMeyi 29.
"Ukhetho olubaluleke kakhulu kuleli njengoba emaningi amaqembu angenele ukhetho, kanjalo nalabo abazozimela. Ngiyayithemba i-ANC ukuthi izokwenzakahle okhethweni. Asithuki ukuthi maningi amaqembu angenele ukhetho ngenxa yokuqina kwentando yabantu kuleli.“
Uthe mkhulu umsebenzi owenziwe nguhulumeni emikhakheni ehlukene okubalwa ezokuthutha, ezolimo ezemfundo neminye.
“Kuthuthukiswe ingqalasizinda kwabekwa uR21.4 billion, wokuphucula umnotho. Sinxenxa intsha nabesifazane ukuthi babe yingxenye yezinhlelo zokuthi amabhizinisi abo ahlomule.”
Uthe uhulumeni uyisukumele nenkinga yamanzi.
“UMengameli uqoke ithimba elizobhekana nale nkinga ngoba iyaphuthuma. Kubalulekile ukuthi abantu bakithi bathole ilungelo labo okungamanzi okuphuza ahlanzekile.”
Khonamanjalo uNgqongqoshe ehhovisi likamengameli uNksz Khumbudzo Ntshavheni, uthe umnotho usukhule kakhulu uma uqhathaniswa nango-1994.
Ekhuluma ngesikhathi kwethulwa inyanga yenkululeko neminyaka engu-30 izwe lakhululeka, uthe imali eqoqwe ngentela kuleli inyuke isuka kuR143 billion ngo-1996, yaya kuR2.1 trillion ngonyaka odlule.
Ubalule nezinhlelo eziningi ezithuthukise umphakathi okubalwa ukuxhaswa kwezitshudeni ngemali yokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme iNSFAS, abafundi abadla nsuku zonke ezikoleni kanjalo nosizo lwezempilo.