IPHINI likaMengameli wezwe, uMnuz Paul Mashatile, lithi i-ANC ayiphikisani nokuthi kuqashwe abantu ngokugcwele kunokuthi baqashwe yizinkampani ezizimele.
UMashatile uthe uhulumeni nguyena oqashe abantu abaningi abasebenzayo kuleli. Ubephendula umbuzo wamalungu oMkhandlu weziFundazwe ePhalamende, izolo. Amalungu abebuze ukuthi baqashwa nini abantu abafana nonogada ngokugcwele, kunokuthi baqashwe yizinkampani ezizimele ezibaxhaphazayo ngokubakhokhela imali encane?
"Siwuhulumeni siyahambisana nokuthi abantu baqashwe ngokugcwele eNingizimu Afrika.“
UMashatile uvumile ukuthi luhamba kancane uhlelo lokubuyiswa komhlaba kuleli.
“Lolu hlelo siyavuma ukuthi luhamba kancane kakhulu. Kukhona kodwa osekwenziwe kuleli ngoba baningi abantu asebebuyelwe umhlaba. Asinankinga nabalimi abalima ukudla, sifuna umhlaba ongasebenzi, okungalinywa lutho kuwona. Okulinywa kuwona ukudla, ngeke siwenze lutho ngoba asifuni ukuphazamisa ukukhiqizwa kokudla.”
Uchithe nokuthi kusazoba nesimo esinzima kuleli sokuthi kube mnyama bhuqe.
“Kumele siqaphele ukuthi sizisho kanjani izinto. Ngeke sifike esimeni sokuthi kube mnyama bhuqe ezweni, kungakhanyi ugesi. Sinalo uhlelo oluvika ukuthi sifike esimeni esinjalo. Abantu abaqaphele izinto abazishoyo ngoba abanye bakhuluma izinto ezingekho.”
Uthe abantu kumele bahlale bewathola amanzi kuleli.
“Isimo samanzi siyalungiswa. Amanzi abantu kumele bawathole kuleli. Asekhona amanzi ayikho inkinga ekhona ngamanzi kuleli.”
Ukhale ngokuthi sandile isibalo somasipala abangasebenzi njengoba sifinyelele ku-66.
“Kumele labo masipala basizwe ukuze babuyele esimeni, bakwazi ukuhambisa izidingo emphakathini. Siyangenelela kubona ngoba abantu yibona abathwala kanzima ngenxa yezidingo.”
UMashatile utshele amalungu omkhandlu ukuthi zonke izimeya ze-ANC zihlonywe imibuzo ngaphambi kokungena ezikhundleni.
“Kuningi esikwenzayo uma siqoka izimeya komasipala, asimane nje sifake noma ngubani nabantu abangenawo amava. Ngisho uqoka umqondisi jikelele emnyangweni kahulumeni ngoba nakhona sasisolwa ngokufaka noma ngubani.
“Kukhangiswa isikhala bese kuba nabanye ongqongqoshe abakusizayo uma sekuqashwa umqondisi jikelele, awumane ulande noma ngubani,” kusho uMashatile.
Uthe bakwenza lokhu ukuze kutholakale umuntu onamava kuhulumeni.
“Sichitha le nto yokuthi simane silande abantu ngoba bengamaqabane. Silanda abantu abanamava omsebenzi.”