IPHINI likamengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile, lithe kumele yesekwe inyuvesi yakuleli i-Unisa njengoba izala ezinye izikhungo kuleli.
UMashatile ukusho lokhu izolo ngesikhathi kugujwa iminyaka engu-150, kwasungulwa le nyuvesi ePitoli.
Uthe le nyuvesi inkulu kakhulu kuleli ngesibalo sezitshudeni ezifunda kuyona.
“Kulo nyaka inyuvesi inezitshudeni ezingu-350 000. Inomlando ojulile kuleli ngoba yavulela izishoshovu eziningi ithuba lokuthi zifunde. Ngingomunye wabantu abafunda kule nyuvesi ngiboshiwe. Zikhona nezinye izishoshovu okubalwa nomengameli wokuqala wentando yabantu uMnuz Nelson Mandela.”
Kulo mcimbi bekukhona uNgqongqoshe weMfundo ePhakeme nokuqeqesha uDkt Blade Nzimande nephini lakhe uMnuz Buti Manamela, uShansela wenyuvesi uMnuz Thabo Mbeki, owayengumengameli wezwe nabanye abaholi.
inyuvesi igubha le minyaka igubuzelwe yifu lezinkinga ezithinta ukuphathwa kwayo.
Umphathi wayo uSolwazi Puleng LenkaBula, usezindabeni ngezinsolo ezehlukene okubalwa nokuthi walungisa umuzi ahlala kuwona ngoR2 million.
Kukhona izinhlaka ezihlabe ikhwelo lokuthi inyuvesi ayifakwe ngaphansi komlawuli ozimele ukuze kulungiswe isimo sayo.