UMHOLI we-Action SA uthi abayizwa kahle eyombiko weBhange loMbuso othole uMengameli Cyril Ramaphosa emsulwa odabeni oluthinta izindodla zemali ezatholakala epulazini lakhe iPhala Phala. Abanye basola ngisho isikhathi okhishwe ngaso lo mbiko kwazise amehlo athe njo kwi-Brics okwenza ukuthi nawo unganakwa ngabantu abaningi.
Ethintwa Isolezwe Online uMashaba uthe, bona njenge-Action SA bafuna ukuzibonela bona lo mbiko.
“Asiyikholwa le nto eshiwo yiBhange loMbuso, njengamanje abameli bethu bamatasa nencwadi ebheke kuleli bhange, ephoqa ukuthi lidedelele umphakathi lo mbiko. Uma kungukuthi aliwudedeli sizosebenzisa izinhlaka zomthetho ngoba asikholelwa ukuthi lolu daba aluhlangani neNingizimu Afrika kumbe luzimele njengoba kusho iBhange loMbuso,” kuchaza uMashaba.
Uthe ngeke bangalulandeli lolu daba, uveze ukuthi bazoze bafike ngisho eNkantolo yoMthethosisekelo ngoba awukho umthetho oqondene noRamaphosa kuphela.
Ephawula nge-Brics uthe, bona abayizwa kahle indaba yalo mhlangano njengoba engayingeni eyamazwe afana noRussia.