INKAKHA yomculi waseMpangeni, uMaqhinga Hadebe, usaqhubeka nokuqhakambisa nokuqhakambisa umculo wakuleli phesheya kwezilwandle.
Lo mculi ubeke induku ebandla eGermany ngenoni aliqophe nomethuli wezinhlelo zethelevishini wakulelizwe, uKarin Kedem elisihloko sithi Sthandwa Sami.
Lo mucu ohlanganise ulimi lwesiZulu, isiJalimane nesiNgisi, ushaywe ngesigqi sikamaskandi oyi-Afro soul. Njengamanje lengoma seyiqalile ukuthakaselwa yizinhlanga ezihlukahlukene eGermany.
Echaza uMaqhinga uthe waqala ukwazana noKarin ngo-2022."Engakuqaphela ukuthi uyawuthanda kakhulu umculo wesintu saseNingizimu Afrika. Kuthe ngo-2024 saba nombono wokuthi senze ingoma ndawonye. Ngiyajabula ukuthi sikwazile ukuyenza. Abantu sebengayibheka ezinkundleni zokuxhumana okuyilapho idayisa khona," kuchaza uMaqhinga obuye asebenze neShabalala Rhythm noDavid "Qadasi" Jenkins.
UKarin uthe waqala ukuchazwa wumculo kaMaqhinga mhlazane beqala ukuhlangana naye, ehamba noQadasi.
"Ngonyaka owedlule ngaze ngabenzela umcimbi esontweni, owaba yimpumelelo. Baze bayodla isidlo sakusihlwa ekhaya."
Uthe kubelula ukwenza leli noni noMaqhinga ngenxa yokuthi benoQadasi bazithobile. Ngaphandle komculo, uKarin uthe ubebuye axhase uMaqhinga ngezimpahla zebhola njengoba eneqembu alikhuthazayo eMpangeni.
"Ngakho bengithi uma ngiza eThekwini ngimphathele i-suitcase eligcwele izimpahla zezemidlalo. Noma kwenzeka eza eGermany, ngiyamphathisa zona. "
UKarin usesebenze nabaculi abaningi bakamaskandi kanye nabezinye izinhlobo kuleli. Abalandeli bomculo kamaskandi baze bametha elikaJaivakazi ngenxa yokuthi usebenze kakhulu nomculi kamaskandi uMzo "Jaiva Zimnike" Khanyeza.