UMKHANDLU obhekele izingabunjalo lemiphumela ka-matric, Umalusi ugunyaze ukudedelwa kwemiphumela yaleli banga okulindeleke ukuthi imenyezelwe ngoLwesine.
Esithangamini nabezindaba ebesisePitoli izolo, isikhulu esiphezulu kulo mkhandlu uDkt Mafu Rakometsi sithe bayakuthokozela ukusebenzisana kwezinhlaka ebezibhekele ukubhala kwabafundi ukuqinisekisa ukuthembeka nokuthi isithunzi semiphumela ka-2022 asilahleki.
“NgoNovemba nyakenye, Umalusi uveze ukukhathazeka kwawo ngezinto ezingaphazamisa ukubhala kwabafundi okubalwa ukucishwa kukagesi nemibhikisho yomphakathi. Mayelana nokucinywa kukagesi, sijabule ukuthi izinhlaka ezithintekayo zazinikela ekwenzeni eminye imizamo uma le nkinga ihlasela ikakhulu ngezinsuku zokubhalwa kwezifundo ezincike ekusetshenzisweni kukagesi ezifana neComputer Applications Technology ne-Information Technology,” kusho uRakometsi.
Uthe okunye okubakhathazayo amacala abikiwe okukopela kwabebebhala amaphepha ezikhungweni ezehlukene obekubhalelwa kuzo,waveza ukuthi bonke abathintekayo bathathelwe izinyathelo okubalwa kuzo ukubamisa ukuthi bazihlanganise nokubhala izivivinyo isikhathi esingangonyaka noma emibili.
Uthe nakuba bekuqonda ukuthi u-matric ka-2022 ukhahlanyezwe yiCovid 19 njengoba ngesikhathi igasela ngo-2020, abafundi bebenza uGrade 10, kodwa ukungenela koMnyango weMfundo eyisiSekelo nezinye izinhlaka ezithintekayo, kusizile ekwehliseni izingqinamba ezidalwe yilolu bhubhane.
Mayelana namaphutha abonakale emibuzweni ehlukene okubalwa kuwo umbuzo 5.1 wephepha lesibili leMathematics owawunamamaki ayisikhombisa, uDkt Rakometsi uthe lo mkhandlu wajuba ithimba elizimele ukuthi liphenye. Kubhekwa ukuthi kwenzeka kanjani ukuthi leli phutha lingabonakali kuze kube iphepha lidluliselwa kwababhalayo. Uthe ukumakwa kwalo mbuzo kwagcina kuhoxisiwe.
“Amaphutha afuze leli akunasizathu sokuzithethelela ngawo, kepha Umalusi uthanda ukuxolisa emphakathini ngaleli phutha.
Imigomo yethu yokwenza izinto ukuqinisekisa ukuthi umfundi akahlangabezani namaphutha ephepheni, kepha lixhoshwa libhekile,”usho kanje.
Bangu-1 222 652 sebebonke ababhale izivivinyo zikamatric wanyakenye. UNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga, kulindeleke ukuthi amemezele imiphumela ka-matric ngoLwesine.
Okhulumela umnyango uMnuz Elijah Mhlanga uthe bakuthokozele ukuthi Umalusi ugunyaze imiphumela okubanika igunya lokuthi imenyezelwe ngokusemthethweni.