UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema uzimisele ngokutakula i-ANC uma ingase ingatholi amavoti anele ukuthi ibuse ngokuzimela okhethweni lwangenyanga ezayo.
Nokho usizo lukaMalema luza nombandela oqinile i-ANC okofanele ihlangabezane nawo.
UMalema uveze ukuthi uzofuna ukuthi i-ANC ibanikeze isikhundla esibalulekile kwikhabhinethi.
Lokhu ukusho ngesikhathi enengxoxo ekhethekile nesiteshi somsakazo esizinze eGoli.
Ongoti nezinhlangano ezenza ucwaningo ziveza ukuthi i-ANC ngeke ilunqobe ngamalengiso ukhetho oluzayo, izodinga ukubambisana namaqembu amancane ukuze ikwazi ukubuyela emandleni.
UMalema uthe i-ANC angayibuyisela emandleni uma ingabanikeza isikhundla sikaNgqongqoshe wezeZimali.
“Ngizimisele ukuthatha amavoti e-EFF ngiwanikeze i-ANC uma ihlulwa ukuthola amavoti anele ukuthi ibuse ngokuzimela. Ngiyobabekela umbandela owodwa nje vo, ukuthi baqoke uMnuz Floyd Shivambu (oyiphini likamengameli kwi-EFF) esikhundleni sikaNgqongqoshe wezeZimali.”
UMalema uthe uma benganikwa lesi sikhundla kuyobe basikelwe iqatha elinonile.
“Phela i-ANC neDA bangonontandakubukwa, abakwazi ukuhlukanisa phakathi kwesikhundla esikunikeza amandla okwenza izinto nesikwenza unontandakubukwa.
“Yingakho ngisho komasipala esibusa ngokubambisana kubo singasijahi isikhundla sobumeya.
“Thina siyaye sifike sithi asinendaba nokuthi ubani imeya, thina sifuna ukuthi amakhansela ethu abe osihlalo bamakomiti. Imeya ayenzi lutho, osihlalo bamakomiti yibona abahambisa intuthuko.
“Imeya iqhamuka isizosika amaribhini (mhla kwethulwa ngokusemthethweni izinhlelo zentuthuko). Iqiniso ukuthi zonke lezi zinhlelo ezisuke zethulwa imeya zisuke zenziwe osihlalo bamakomiti,” kusho uMalema
Uthe uyazi ukuthi ngeke kube lula ukuthi i-ANC ibanike lesi sikhundla ngenxa yokubaluleka kwaso.
“Phela uma singathola lesi sikhundla ngabe ziphelile izinkinga ezibhekene nabantu baseNingizimu Afrika. Imali eningi ingaya ekwelekeleleni abahlwempu. Kungaphela ukuthi lo mnyango ubanjwe ngobhongwane izinjinga zaseStellenbosch,” kuqhuba uMalema.
Uthe ngeke afune ukuba iphini likamengameli uma bebambisana ne-ANC.
“Angeke ngilunge lapha. Indlela engikhuthele ngayo ngingagcina sengigqama ngidlule umengameli.
“Ngisho unganginikeza isikhundla sokuba ungqongqoshe womnyango onganakiwe, ngingagqama ngidlule umengameli.
“Ngale kwalokho vele ngeke banginike lesi sikhundla ngoba bayangizonda. Abantu abangizondayo ilaba engakhula nabo,” esho.
Umshado we-EFF ne-ANC komasipala bakuleli okubalwa kubo iTheku ne-Ekurhuleni, awuhambi kahle.