OKHULUMELA i-ANC, uMnuz Zuko Godlimpi, uthe uma abaholi bengashintshi ukwenza kuzophela nge-ANC esiphathe iNingizimu Africa iminyaka ewu-30.
UGodlimpi uthe ukwehluleka kwe-ANC ukunqoba ngamalengiso okhethweni lwangoMeyi, kuyizinkomba zokuthi abantu bayidinelwe inhlangano.
Uthe uma abaholi bengazisukumeli ngokushesha izinkinga ezikhungethe abantu bakuleli, i-ANC ngeke iphinde iphathe ngokuzimela.
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abakanise lapho kubanjelwe khona umhlangano wesigungu esiphezulu, i-lekgotla eBoksburg.
UGodlimpi uthe i-ANC kufanele ibhukule, wathi uma ihluleka ukwenza lokho izozithola isenkingeni enkulu ukunalena ebhekene nayo manje.
“Asisekho isikhathi sokusinisa amahleza kwi-ANC. Sonke siyakubona lokho. Abantu bakhombisa ukuthi bazosikhipha ngomnyango uma siqhubeka kanje. Umyalezo owathunyelwa abantu ngesikhathi kunokhetho, ucacile. Abantu bathi yebo bayakuqonda ukuthi i-ANC inemigomo emihle. Into abantu abakhala ngayo ukuthi i-ANC iyadembesela, ayiyilandeli imigomo yayo emihle.
“Uma ukhuluma nabantu uyabona ukuthi bayayazi imigomo ye-ANC, into nje abakhala ngayo ukuthi imigomo ayilandelwa. Manje ke kubalulekile ukuthi silungise isimo ngokushesha. Uma sehluleka ukulungisa isimo, sizolahlekelwa amandla.”
Uthe enye yezinkinga ezikhona kwi-ANC ukungathathelwa izinyathelo kwabantu abenza okuphambene nomthetho.
“Into ehlezi ishiwo abantu lapha ngaphandle ukuthi i-ANC ihlezi ikwazi ukubona ukuthi inkinga ikuphi, kodwa iyehluleka ukuthatha izinyathelo. Sonke siyavuma ukuthi manje uma kukhona abaphambana nomthetho noma abahlulwa ukwenza umsebenzi, kuzofanele bathathelwe izinyathelo. Asikwazi ukuthula sibuke umsebenzi ungenziwe. Silahlekelwe amandla ngenxa yokungazisukumeli izinkinga.”
UGodlimpi uveze ukungena kwe-ANC ngaphansi kohulumeni wokubambisana angeke kuyishintshe imithetho kahulumeni evele ikhona.
“Yonke imithetho kahulumeni ekhona njengamanje izoqhubeka nokusebenza. Imithetho okufanele yesekwe amaqembu esibambisene nawo ileyo ezoshaywa manje njengoba sekuphethe uhulumeni wokubambisana.”
UGodlimpi uthe banethemba lokuthi wonke amadlelandawonye e-ANC azogcina eweseka uhulumeni wokubambisana.
I-SACP isikusho kaningi ukuthi ayihambisani nokufakwa kwe-DA kuhulumeni wokubambisana.
UGodlimpi uthe angeke bayivimbe i-SACP ekutheni igxeke lokho engahambisani nakho.
I-lekgotla izophothulwa namhlanje.
Izolo, kube namakhomishini abexoxa ngezihloko ezahlukene.