USONGELWA ngokuthi uzomangalelwa umholi wentsha yoMkhonto weSizwe, uBonginkosi Khanyile ngesigameko sokukhaca ilungu leqembu, uThamsanqa ‘Mavikabemshaya’ Khuzwayo.
UKhanyile ongumholi wesikhashana wentsha yoMkhonto weSizwe, wabonakala kwividiyo ekhaca uKhuzwayo, emcimbini lapho owayengumengameli uMnuz Jacob Zuma amemezela iqembu uMkhonto weSizwe, wathi uzolikhankasela alivotele.
Kuthiwa leso sigameko singesinye sezimdonsele amanzi ngomsele eqenjini, wabizwa waqondiswa ubugwegwe njengoba sekulandela incwadi yabameli.
Isolezwe liyibonile incwadi yabameli beWendy Cele and Associates ekhomba ukuthi ibhalwe ngoFebhruwari 20 enegama likaKhanyile.
Isigameko esasabalala ezinkundleni zokuxhumana senzeka maphakathi nenyanga ngesikhathi intsha yeMK inomhlangano wesifundo ngemfundo yamahhala. Umhlangano wawusehholo kwaQ eMlaza, emasontweni adlule.
UKhuzwayo exoxa neSolezwe uthe ulufake kubameli udaba ngoba uthunazwe yindlela akhacwa ngayo nezinsolo ezivezwa wuKhanyile athe azinasisekelo.
“Sake saxabana siseyizitshudeni eDUT. Ngiyasola usabambe leyo nto. Namanje sibange indaba yokusungulwa kophiko lwezitshudeni lweMK wenqaba yena wathi uphiko lwentsha kufanele lusebenze emanyuvesi,’’ kusho uKhuzwayo.
Uthe ngesikhathi eya emhlanganweni eMlaza lapho akhacwa khona, wayengahlose lutho olubi wayeya njengelungu.
“Wathi uma engibona wavuka inja ebomvu wangihlohloloza, wathi angiphume ngoba ngiwumdayisi ofuna ukuketula uZuma. Wathi ngikhokhelwa wuDD Mabuza, ungithengele indlu. Kuningi nje ayekusho okufanele akuhoxise noma aveze ubufakazi, kungenjalo ngiya enkantolo,’’ kusho uKhuzwayo.
UKhanyile ebuzwa ngalolu daba lwencwadi, uthe ucela ukunikwa isikhathi ngoba usesibhedlela.
“ Ngikhuluma nawe nje ngisesibhedlela okwamanje futhi incwadi leyo yinto engathi shu, ngeke ibaluleke ukwedlula impilo yami,’’ kusho uKhanyile. Isolezwe libikile ngokungeniswa kukaKhanyile esibhedlela nokuyinto angafunanga ukuyikhuluma.
UKhuzwayo uthe abameli baxhumanile noKhanyile bamthumelela incwadi emazisa ngokuthi ahoxise wonke amazwi akhe. UKhuzwayo uthe okubuhlungu wukuthi yena uwumuntu oneziqu zobuthishela oswele umsebenzi kodwa kuthiwa unikwa imali athengelwe nomuzi.