UKUSEBENZA kwenye yezindawo zobumnandi yaseThekwini ewunogada emnyango kuyona, kwenza waqaphela ukuthi abantu abathanda ubumnandi, bayahashuka - bafune inyama nokudla okusheshayo njalo uma sebebukhile noma sebeqiwe yinjabulo.
Yilapho uMnuz Mncedisi Jeza aqala khona edayisa ukudla okusheshayo bude buduze neHavana, indawo yobumnandi yaseThekwini ngasezitolo iWorskshop, ayesebenza kuyona ngaleso sikhathi. Waqala ngo-2019, ibhizinisi ladlondlobala ngokushesha, akangabe esabheka neze emuva emva kwalapho.
Manje uJeza odabuka eDududu, eMkhomazi, ogwini oluseningizimu yaseThekwini, usenenkampani ebizwa ngeDurban Mai-Mai Shisanyama, lapho edayisa khona inyama ngaphansi kwebhuloho elingaseWorkshop, khona eThekwini.
Ngaphezu kwalokho, lo somabhizinisi usenezitolo ezimbili ezidayisa inyama aziqale kulo nyaka, kulandela ukuchuma kweDurban Mai-Mai ayiqale ngo-2022, nathi ithakaselwa kakhulu ngabantu futhi yibona abayiqamba ngaleli gama ngoba bechazwa yinyama yakhe, abayifanisa nedayisa kwenye yezindawo ezidumile ezidayisa inyama eGoli, KwaMai-Mai.
“Ngiqale le ndawo sibabili sisayibiza ngeMnce and Nelly’s Fast Food, kwathi ngokusebenza kanzima nokubeka eqhulwini izidingo zamakhasimende ethu, sakhula kanjalo njengoba sesilana esikhona manje,” kusho uJeza.
Eqhuba, uthe manje useqashe izisebenzi eziwu-28 ebhizinisini lakhe, futhi uhlale eqikelela ukuzigcina zijabule ukuze umsebenzi wakhe uhlale usezingeni eligculisa amakhasimende akhe, futhi zingandi izinselelo ezizamazisa ibhizisini.
Uthe babiza kusuka kuR40 kuya phezulu ngokwehlukana komkhiqizo wokudla abakudayisayo.
“Inselelo enkulu esibhekene nayo okwamanje wukuthi izithako esizisebenzisayo ziyabiza futhi inzuzo esiyenzayo sisaphoqeka ukuyitshala ebhizinisini ukuze sifike lapho esifisa ukufika khona, nokuthi asikabi nemvume yokusebenza ngendlela esifuna ngayo kodwa sesiziqalile izinhlelo zokwenza konke kube yilokhu esikufunayo,” usho kanje.