ULAXAZE isicelo sebheyile umsolwa oboshelwe icala lokusocongwa kwekhansela leDA, kuMasipala waseMngeni.
UMnuz Thobane Masobho Hlongwa, obhekene necala lokubulala uMnuz Nhlalayenza Ndlovu, ushaye ungqimphothwe ngomzuzu wokugcina, wayeka ukufaka isicelo.
UHlongwa, bekulindeleke ukuthi afake isicelo sebheyili ngoLwesihlanu ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi eHowick.
Ummeli wakhe uMnuz Zwelani Duma, utshele inkantolo ukuthi uHlongwa ukhethe ukungasifaki isicelo sebheyili.
“Emva kwezingxoxo ezinde, sibe sesibonisana ukuthi okwamanje akangasifaki isicelo sebheyili.”
UDuma uthe kungenzeka ukuthi uHlongwa abuye anqume ukufaka isicelo sebheyili ngokuqhubeka kwecala. Icala libe selihlehliselwa uNovemba 8.
UHlongwa waboshwa amaphoyisa aphenya izigameko zokusocongwa kosopolitiki KwaZulu-Natal.
Ezokuphepha beziqinile enkantolo, uHlongwa ufike egadwe amaphoyisa abaphethe izinhlokohlela.
UHlongwa ubebukeka ethukile ngesikhathi esebhokisini labamangalelwa, kanti abezindaba bayalelwe ukuba bangamshuthi.
Umshushisi u-Advocate Elvis Gcweka, uthe kukhona abanye abasolwa abasazoboshwa kuleli cala.
UNdlovu, owayengusotswebhu weDA eMngeni, wabulawa phambi komndeni wakhe ngonyaka owedlule.
Amalungu eDA abebhikisha ngaphandle kwenkantolo. Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe kuyabajabulisa ukuthi kukhona umsolwa oseboshiwe.
“Sekunesikhathi eside kwabulawa uNdlovu, besikhathazekile njengoba bekubukeka sengathi akukho okwenzekayo. Sijabule ukubona ukuthi kukhona okwenzekayo.”
Nokho uRodgers uthe bakhathazekile ukuthi kusaboshwe umuntu oyedwa.
“Kubukeka sengathi ngeke sifike ekujuleni kwale ndaba. Esikwaziyo thina ukuthi lo muntu oboshiwe wayeyingxenye yabantu abasoconga uNdlovu. Manje ke kuyasikhathaza ukuthi kusaboshwe umuntu oyedwa kuphela.”
Imeya yoMasipala waseMngeni, uMnuz Chris Pappas, ithe okubakhathazayo ukuthi amaphoyisa aphenya icala awafuni ukuxhumana nabo.
“Abafuni ukuxhumana nathi kanye nomndeni. Thina sinolwazi esifuna ukulidlulisela kubona. Sizolibika kungqongqoshe wamaphoyisa lolu daba.”
UPappas uthe bafuna ukuthi uHlongwa ajeze.
“Sizolilandela leli cala. Sishilo ukuthi lapha KwaZulu-Natal amakhosi namakhansela ayabulawa. Thina asifani nabanye, ngeke sihlale phansi. Mhlawumbe kuyenzeka kwamanye amaqembu. Thina lapha kwiDA, siyavikelana. Sifuna abolele ejele.”
UPappas uthe banethemba lokuthi ukuboshwa kukaHlongwa kuzoholela ekuboshweni kwabanye abasolwa.
“Kusinika ithemba uma sibona kukhona umuntu oboshiwe yize sinemibuzo yokuthi ngubani lona.”