UNGQONGQOSHE wezoBuLungiswa zweni, uMnuz Ronald Lamola, uthi kubuhlungu ukuthi kufanele badedele uMnuz Janusz Waluś ngoshwele kodwa akukho abazokwenza kufanele kuhlonishwe isinqumo senkantolo. ULamola usho lokhu engxoxweni nabezindaba zeSABC.
UWaluś walahlwa yicala lokubulala owayengunobhala weSACP, uMnuz Chris Hani, owamthela othulini ngenhlamvu ngo-1993. UHani wahlaselwa emzini wakhe eDawn Park, kanti ukubulawa kwashibisa isimo ezweni. INkantolo yoMthethosisekelo ikhiphe isinqumo sokuthi uWaluś adedelwe ngoshwele emuva kokudonsa iminyaka engu-29 ejele. Bekufanele aphume ngoLwesine kodwa kwavela izindaba zokuthi uhlaselwe yisiboshwa thizeni ejele samgwaza.
ULamola uthe uWaluś usalashwa esibhedlela futhi usesimeni esigculisayo bazomdedela uma ekhishwa esibhedlela.
“Kubuhlungu ukuthi kufanele simdedele kodwa ayikho into esingayenza ngoba inkantolo ikhulumile. Into enzima wukuthi wabulala iqhawe lomzabalazo kodwa kufanele sikubheke futhi nokuthi inqubo kashwele ibekelwe ukubuyisela abantu emphakathini,’’ kuchaza uLamola.
Uthe baxoxile nabameli bakaWaluś babanika isiqiniseko sokuthi bazomdedela uma eseluleme kahle. ULamola akayiphathanga eyokuthi kuzokwenzekani ngesiboshwa esigwaze uWaluś. I-SACP engahambisani nokudedelwa kukaWaluś, ikhiphe isitatimende ithi izoba nomhlangano wesigungu esiphezulu kule mpelasonto ixoxe kabanzi ngalolu daba.