UKUNGALIPHONSI ithawula yize ebhekene nobunzima ngenye yezinto athi yenze waphasa ngamalengiso, uNksz Zinhle Khumalo.
UNksz Khumalo (23) uthweswe iziqu zeBachelor of Science egxile kwi-sociology ngoLwesine eNyuvesi iKwaZulu-Natal (UKZN).
Ukhulele eNondweni, eNquthu, futhi uphila nokukhubazeka kokungakwazi ukuhamba. Kusabalale izithombe zakhe ezinkundleni zokuxhumana ethweswa iziqu futhi waziphasa ngo-Summa Cum Laude izifundo aziqale ngo-2019.
“Ngijabule kakhulu ngokuthi ekugcineni iphupho lami lokuphothula izifundo lifezeke. Okuwumphumela wokuthi ukuzikhandla nokusebenza kanzima kuthela izithelo. Namanje angikakholwa ukuthi yimi lona othweswe iziqu,” kusho uNksz Khumalo, echichima yinjabulo.
Eqhuba, uthe okunye okumjabulisayo wukuthi ukuthweswa kwakhe iziqu kuzogqugquzela abazali abanezingane ezikhubazekile, ukuthi bazeseke ngezikhathi zonke ukuze ziphumelele njengaye.
“Mina ngiwufakazi wokuthi ukungazenyezi ngobuwena kuyasiza ukukubeka lapho ofisa ukuba khona. Yingakho ngikhuthaza abazali bezinye izingane ezinjengami ukuthi bangayekeleli abantwana babo.
“Ngifisa nokukhuthaza izingane ezisuka emakhaya ukukhuthalela imfundo ukuze zishintshe isimo samekhaya azo ngoba imfundo ibalulekile futhi iyasiza ukuvula iminyango eminingi empilweni,” kukhuthaza uNksz Khumalo.
Ephetha, uthe yize engenalo uxhaso kodwa nakulo nyaka uyaqhubeka nokufunda njengoba kumanje eseqalile ukwenza iPost Graduate yezifundo zeHuman Resources (HR).