UZOTHULWA nguMengameli Cyril Ramaphosa umyalezo kahulumeni wokuphelezela umsunguli we-IFP iNkosi Mangosuthu Buthelezi, emngcwabeni walo mholi kusasa oLundi.
Lokhu kuvezwe nguMnuz Vincent Magwenya, okhulumela umengameli izolo esithangamini nabezindaba eTshwane.
Uthe njengoba kukhothame lo mholi, usejube uNgqongqoshe wezobudlelwano namazwe omhlaba uNkk Naledi Pandor, ukuthi ahole ithimba lakuleli eliya emhlanganweni weGroup 77, eCuba.
Lo mhlangano uqala namhlanje kuze kube yikusasa kanti kubhekwa izinto ezithinta ubuChwepheshe neSayensi.
“Lo mhlangano yinkundla lapho amazwe egqugquzela khona izinto ezithinta umnotho kanjalo nokuqinisa amaxhama okuxoxisana. Siyalamukela ithuba lokuthi sibe yingxenye yawo kanjalo namathuba ozowavulela elakuleli.”
Uthe uhloniphe uShenge ngomngcwabo kahulumeni, wesigaba sokuqala.
“UShenge ukhothame ngoSepthemba 9, eneminyaka engu-95. U mngcwabo okuleli zinga unikwa abantu abasuke besebenze ngokuzikhandla.”
Uthe amafulegi azondizela phansi kuze kube ikusasa ebusuku, esetshaliwe lo mholi.
Baningi abanye abaholi okulindeleke ukuthi bakhulume enkonzweni yale ngqalabutho.
Enkonzweni yesikhumbuzo yalo mholi odonse isikhathi eside njengelungu lePhalamende, abaholi abehlukene bamaqembu ezepolitiki bancome iqhaza likaShenge.
Abaningi bancome inhlonipho abebanika yona, abanye ebabuyisela endleleni uma bephambukile.