BAKHONONDA ngokungafiki ngesikhathi kwesibonelelo sikaR350, esiholelwa abangasebenzi yize kusuke kukhombisa ukuthi imali isifakiwe.
Omunye umfundi weSolezwe uthi uR350 wakhe, uveza ukuthi selokhu waphasiswa kusukela ngo-Agasti nyakenye kodwa akakwazi ukuwuhola.
Ucele ukungadalulwa ngoba esaba ukuthi angase angasizakali uma eseya emahhovisi eSouth African Social Security Agency (Sassa), ngokuzayo.
“Ngiqale ukuba nenkinga yokuthi imali ingaphumi yize isuke isithi isiphasile uma ngiyibheka kwikhompyutha. Ngize ngashintsha indlela ebengiyihola ngayo ngayifaka ibhange. Kusukela ngo-Agasti nyakenye ngilindile kodwa ngize ngathola imali kaMashi no-Ephreli kulo nyaka. Enye angazi noma ngisazoyithola, bengifisa ukwazi ukuthi kwenzekani,” kubuza umfundi weSolezwe.
Isolezwe lithole ukuthi akuyena yedwa onenkinga kodwa nguyena obe nesibindi sokubuza ukuthi kwenzekani ngoba abanye bayesaba.
UNksz Sandy Godlwana, obhekelele ezokukhangisa nokuxhumana eSassa, KwaZulu-Natal, uthe akukho ukubambezeleka ekuholweni kweCovid-19 SRD ewuR350.
“Okwenzekayo wukuthi siqale siqinisekise imininingwane yokuthi imali iya kumuntu ofanele bese siyakhokha. Okwenzekile odabeni lomfundi weSolezwe wukuthi ubelokhu eshintsha izindlela ahola ngazo uR350 wakhe, efuna ukuhola nge-cash send, abuye afune ukuhola ebhange. Simchazelile ngokwenzekile sabuye samchazela ukuthi yini okufanele ayenze ukuze angabi nenkinga,” kuchaza uNksz Godlwana.
Ucele abantu abanale nkinga ukuthi bathinte iSassa ngokushayela u-033 846 3400 noma u-0800 60 10 11 ngezikhathi zokusebenza.