UMENGAMELI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, unxuse abantu ukuba bangavumi ukubuswa wumcabango wokuthi ukuphuma kwe-ANC emandleni kungenza izinto zibe mapeketwane.
UHlabisa uthe ukukhishwa kwe-ANC okhethweni lwangoMeyi 29, angeke kuphazamise ukuphathwa kwezwe, wathi eNingizimu Afrika kunenqwaba yabaholi abakulungele ukuthatha izintambo uma kukhishwa i-ANC.
Lokhu ukusho emcimbini wokwethulwa kwencwadi ekhuluma ngokuphathwa kwamazwe, i-Poor state, rich state.
Le ncwadi ebhalwe nguDkt Greg Mills, yethulwe ngokusemthethweni eMgungundlovu.
Incwadi iveza ukuthi izinto kazihambi kahle eNingizimu Afrika.
UHlabisa ugcine engafikanga kulo mcimbi ngenxa yesiminyaminya ebesikuthelawayeka, uN3, wagcina ethumela inkulumo ebhaliwe, efundwe emcimbini.
Kule nkulumo ebhaliwe, uHlabisa uthe bakhona labo abanenkolelo yokuthi ukuphuma kwe-ANC emandleni kungona izinto eziningi.
"Le nto ayisilo iqiniso. Lapha eNingizimu Afrika sinenqwaba yabaholi abanamava okuphatha nabaqotho, abakulungele ukuphatha. Thina njenge-IFP sikulungele ukuthatha izwe, siliyise phambili. Sesikulungele ukuphatha emva kokhetho."
UHlabisa uthe sekuyisikhathi sokuba i-ANC iphume emandleni.
"I-ANC ikhathalele ukufeza izifiso zedlanzana. I-ANC iyinto engeke isalungiseka. Ayidingi ukwakhiwa kabusha, idinga ukuqalwa phansi. Lokho sikushiyela kuyona i-ANC.
"Esikwaziyo ukuthi angeke izwe siphinde silinike laba bantu. Izwe lethu lisesimweni esibucayi, kungashabalala konke uma bengaphinde baphathe eminye iminyaka emihlanu. Kabanayo imigomo yokukhulisa umnotho. Noma iliphi iqembu lebhola liyazi uma sekufanele lixoshe umqeqeshi. Kusobala ukuthi eNingizimu Afrika sidinga ushintsho oluzoyisa izwe lakithi phambili."
UHlabisa uthe ngaphansi koMbuso we-ANC kuningi okonakele.
Uthe amathuba emisebenzi nezinga lobugebengu kwakungcono eminyakeni eyishumi yokuqala ngaphansi koMbuso wentandoyeningi.
"Njengamanje, izinga lobugebengu liphezulu kakhulu. Kanjalo nelokuswelakala kwamathuba emisebenzi liphezulu kakhulu. UMengameli Cyril Ramaphosa wakhala ngokuLawulwa koMbuso yiDlanzana, nokubheduka kobhubhane iCorona ngesikhathi ethula inkulumo ayibhekise ezweni.
"Iqiniso ukuthi ngaphambi kokuthi kubheduke iCorona, umnotho wethu ubuvele ukhula kancane, abatshalimali base bevele sebeqalile ukulaxaza elakuleli. Asikwazi ukukhala ngeCorona ngoba izinto kade zaqala ukonakala."
I-IFP izokwethula umkhankaso wezethembiso zokhetho ngeSonto, eThekwini.