BAKHALA ngezingqinamba abalimi bemikhiqizo yamawolintshi njengoba bethumele amakhathoni ezitshalo awu-165.1 million phesheya.
Baveze ukuthi bebezimisele ukuthumela amakhathoni awu-200 million kodwa-ke bahluleka ngenxa yezingqinamba ababale phakathi kwazo ezokuthutha.
Esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba, isikhulu esiphezulu seCitrus Growers Association, uMnuz Justin Chadwick, uthe bazimisele ukuthumela amakhathoni ezithelo awu-260 million ngonyaka ka-2032 kodwa izingqinamba ababhekene nazo zinkulu.
Ubalule ukunqamuka kukagesi njengento ekhinyabeza abalimi kanjalo nokungatholakali kukamanyolo, athe kuke kwaba yinkinga kulo mkhakha.
“Abalimi bebelahlekelwa wumkhiqizo wabo okufanele uhlale endaweni ebandayo njalo uma kuphele ugesi. Bebengakwazi ukunisela izithelo kanti lokhu bekuba yinkinga ngoba kufanele umkhiqizo uhlale ezingeni elithize lokubanda. Uma ungahlali endaweni ebanda ngokufanele awuthengwa kwamanye amazwe,” kuchaza uChadwick.
Ubuye waveza ukuthi izindleko zokulima beziphezulu kakhulu kulo nyaka.
Izikhukhula zaseWestern Cape nazo zishaye abalimi bemikhiqizo ehlobene namawolintshi njengoba kube nomonakalo ka-R500 million emapulazini aseWestern Cape, eCitrusdal Valley ngoJuni walo nyaka.
UChadwick uveze ukuthi izinkinga zokuthutha nazo ziyabahlukumeza njengoba umkhiqizo wabo kufanele uhambe ngamaloli nezitimela uma usuka emapulazini usuya emachwebeni.
Ubuye wakhala nangokuqina kwemithetho ephathelene nenhlanzeko ye-European Union (EU) akhale ngokuthi ilahlekisela imboni yabo ngoR3.7 billion ngonyaka.
Ubalule ukuthi kule mithetho kunemikhiqizo ebizayo okufanele isetshenziswe ngabalimi.
Uthe basebenzisana noMnyango wezoHwebo, iziMboni nokuNcintisana kanjalo nowezoLimo ukuze bazame ukuthola isisombululo sale mithetho ye-EU.
Ukhale ngokuthi le mithetho yenzelwa ukubakhiphela ngaphandle bengabalimi bakuleli ukuze kuhlomule abaseSpain.
Uveze ukuthi bafuna nokuthi kusheshe ukungenisa imikhiqizo yabo e-United States, Vietnam, India, Japan naseThailand ukuze zande izimakethe abangena kuzo.
UChadwick uthe uma izinkinga zikagesi, ukubiza kwezinsiza zokulima, ezokuthutha nemithetho yohwebo ebakhipha inyumbazana kuqhubeka, le mboni ingaphazamiseka ekudaleni imisebenzi.
Ubalule ukuthi baqashe abantu abawu-140 000 kanti bazimisele ukwandisa amathuba omsebenzi afinyelele ku-240 000 ngonyaka ka-2032.
Kulo nyaka uthe bathumele amakhathoni awu-14.8 million e-grapefruit, kanti lesi sibalo sehle ngo-400 000 njengoba eminyakeni emibili edlule bebethumele awu-20.3 million.
Baye bathumela awu-37.9 million e-mandarin okuyisibalo esikhule ngo-6.1 million. Lokhu uthi kudalwe wukudingeka kwalo mkhiqizo kwi-EU nase-United Kingdom.
Olamula abathunyelwe phesheya banyuke ngo-900 000 njengoba kuthunyelwe amakhathoni awu-35.6 million.
Amawolintshi athunyelwe phesheya ehlile njengoba kuthunyelwe amakhathoni awu-24.7 million alawo abizwa ngama-Navel, okuyisibalo esehle ngo-3.1 million uma kuqhathaniswa nangonyaka odlule.
Kuthunyelwe amakhathoni awu-52.1 million amawolintshi abizwa ngama-Valencia, nokuyisibalo esehle ngo-1.7 million.
Uphethe ngokuthi kule minyaka emibili bekunzima kakhulu emkhakheni wabo njengoba ebalimini abahlanu bebabili kuphela abakwazi ukwenza inzuzo.