OMELE i-IFP kwesikaNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli uthi ukungenisa kwe-IFP ezindaweni ebikade ingemandla kuzona, kumnikeza ithemba lokuthi bazokwazi ukudla umhlanganiso KwaZulu-Natal okhethweni lwangoMeyi 29.
UNtuli uthe kusukela eqale umkhankaso wakhe, i-IFP ikhombisa ukukhula ezindaweni ezisesifundeni Ugu naseHarry Gwala.
Ukusho lokhu ngesikhathi enengxoxo ekhethekile ne-Isolezwe.
Yize i-IFP iphethe iningi lomasipala baKwaZulu-Natal, ayikho imikhandlu ephethwe yilenhlangano oGwini naseHarry Gwala.
UNtuli uthe abantu basoGwini naseHarry Gwala bakhombise ukuyamukela i-IFP.
“Abantu abafike emicimbini yethu bakhombise ukuseseka. Ukufika kwabantu akusho lutho, okubalulekile ukuthi bakweseke.
“Ngakho-ke sibona umkhankaso wethu uhamba kahle. Alikho iqembu elinomkhankaso ofana nowethu. Muva nje besinemikhankaso ezindaweni eziyisithupha ezahlukene ngempelasonto eyodwa,”kusho uNtuli.
Uthe baningi abantu abanezikhundla ezihlonishwayo emiphakathini abajoyina i-IFP. Basanda kujoyinwa ikhansela le-EFF eKokstad, nomholi wegatsha le-ANC eMkhanyakude.
Udalule ukuthi sekukhona abazama ukuvimba umkhankaso wakhe.
“Kunezindawo lapho esivinjwayo kuzo uma sithi siyokhankasa. EKokstad banqaba ukusinikeza indawo naseMzimkhulu futhi banqaba.”
Uthe bafuna ukuhlonipha umsunguli we-IFP, Inkosi Mangosuthu Buthelezi ngokuthi banqobe ukhetho oluzayo.
UNtuli wethule umqulu wakhe wezethembiso oLundi, lapho kwatshalwa khona uButhelezi.
“Indawo yasoLundi ifana nomsamu kuthina ngoba kulapho kulele khona uMntwana. ULundi luyinhliziyo kithi, sakha ngisho iPhalamende laphana.
“Likhona nanamhlanje leloPhalamende. Saya oLundi ngoba nakhu sihlonipha uShenge. Sasiyokusho ukuthi Shenge, sizokube sivotela wena. Sasiyocela amandla edlozini,” kuqhuba uMphemba.
I-IFP yayikade iphethe iKwaZulu-Natal kwaze kwaba u-2004.
UNtuli uthe impilo yayingcono kakhulu KwaZulu-Natal ngesikhathi kusaphethe i-IFP, bafuna ukubuyisela isifundazwe kulento esasiyona ngaphambi kokuthi bakhishwe emandleni.
“Uma ubuka ubugebengu nokungasebenzi kwabantu kwakungengaka ngesikhathi kuphethe thina. Isimo sezikole njengamanje sibi kakhulu. Sakha amagumbi okufundela angaphezu kuka-6 000. Uhulumeni okhona njengamanje usuvale izikole ezingaphezu kuka-800.
“Yonke lento sasiyenza ngesabelomali esincane. Abantu babephuma ezikoleni behlome ngamakhono, bakwazi ukuziphilisa. Abantu babephuma esikoleni benethemba lokuthi bazothola imisebenzi,” esho.
UNtuli uthe uma benqoba ukhetho bazobuyisela amandla omnotho ebantwini bakulesifundazwe.
Abantu bangaphandle abakuleli ngokungemthetho uthe yibona abadala njengoba sekugcwele bona yonke indawo.
Ufakazise lokhu ngokuthi uma uya lapho kugundwa khona, ezitolo ezisemalokishini, ufika kugcwele bona. Lokhu kusho ukuthi abantu balapha abasenawo amathuba emisebenzi.
Akambuluzanga ngabazokwenza uma bengena njengoba bezoshaya umthetho wokuthi uma ufuna ukuba nebhizinisi, kufanele ube nemvume.
Uthe bazokuba nomkhankaso wokubheka bonke labo abakuleli ngokungemthetho. Bazothatha wonke amabhizinisi amancane bawabuyisele kubantu bakuleli.
Abantu bakuleli uthe bazobaqeqesha, baphinde babaxhase ngabakudingayo.
Uthe liqiniso limile, ukuthi abantu abaningi babulawa yindlala nje ngenxa yokuthi amandla omnotho aphethwe abantu abakuleli ngokungemthetho.
Okunye abazokwenza uma bethatha, bazohlinzeka amakhosi ngabaqaphi.
“Lokhu asifuni ukukungabaza, amakhosi abambe iqhaza elikhulu emiphakathini. Umsebenzi omkhulu wawo wukuxazulula imibango.
“ Uma kunomsindo ongadala impi yezigodi, amakhosi yiwona axazululayo. Yingakho sizolungisa izinkantolo zamakhosi, siwakhele nezindlu ngoba akukuhle ukuthi ahlale emizini engekho esimweni,” kuphetha uGodide.