BUKHATHAZEKILE ubuholi bamaphoyisa kaMasipala weTheku ngezigameko ezinesihluku ezenziwa ngamaphoyisa awo.
Lokhu kuvezwe ngokhulumela amaphoyisa kaMasipala weTheku ngoLwesibili, uMnuz Boysie Zungu.
UZungu uthe ayikho into ebakhathaza njengokuthi balahlekelwe ngamaphoyisa omkhandlu wabo ngendlela enesihluku.
Ubekhuluma ngezigameko ezimbili ezenzeke esikhathini ezingaphansi kwenyanga kusuka ekupheleni kwaMashi.
Esigamekweni sakamumva, esenzeke phakathi nenyanga, uConstable Mlu Ndaba (45) udubule wabulala inkosikazi yakhe, wazingqokloza naye.
Isigameko esashiya abaningi bemangele, kwazise kuthiwa bebeyizithandani ezizithulelayo, senzeke emzini wabo oseLovu.
Ngaphambi kwalesi sigameko, uConstable Sizwe Ngema (27), usolwa ngokubhokoda ngommese intombi yakhe nayo eyiphoyisa uConstable Bianca Khuzwayo washona.
Isigameko senzeke eflethini likaNgema elisenkabeni yeTheku ngoMashi 31.
Kusolwa ukuthi emva kokumgwaza ephindelela uNgema, uConst Khuzwayo, waqopha iv-ideo esephuma umphefumulo wayinameka ezinkundleni zokuxhumana, waphinde wayithumela nakubantu abasondelene nomufi.
UNgema uhamba inkantolo ngaleli cala.
UZungu udalule ukuthi emuva kwalezi zigameko bavumelene ngokuthi basungule izinhlelo ezehlukene ezizolekelela amalungu abo.
“Phakathi kwazo kukhona uhlelo lokubizwa kwesithangami samaphoyisa angamadoda lapho kuzobizwa khona ongcweti abehlukene ukuzoweluleka,” kusho uZungu.
Uthe kongcweti kuzoba khona odokotela, odokotela bengqondo nabeluleki bezezimali.
Uveze ukuthi ngeke kugcine lapho kodwa kuzophinde kube khona nabaholi bezenkolo nabelaphi bendabuko.
“Nabo bazonikwa ithuba lokuthi bakhulume namaphoyisa ethu esilisa. Siphinde sibe sezinhlelweni zokusungula indawo lapho ababhekene nokhwantalala nezimo ezinzima zempilo abazothola khona usizo,” usho kanje.
Uveze ukuthi belukhona uhlelo lwe-KWAYS lapho zonke izisebenzi zikamasipala zithola khona usizo lokwelulekwa ngokomqondo uma kwenzeka ziludinga.
Uthe abakwazi ukuba nesiqiniseko sokuthi yini engaba yimbangela yokuthi amaphoyisa abe nesihluku, wathi kungaba odokotela bengqondo abangakwazi ukusho ukuthi umsuka wodlame kumuntu obulala ngesihluku usukaphi ngoba baqeqeshelwe lokho.
Walile ukuphawula ukuthi zikhona yini izinyathelo asebenzithathele uNgema, wathi lokho kuphakathi kwakhe nomqashi, ngeke bakuxoxe nabezindaba.
Okhulumela inyunyana yabasebenzi iSouth African Municipal Workers Union kulo masipala, uMnuz Xolani Dube, uthe babuye babe nawo umcabango wokuthi izigameko zalolu hlobo zidalwa ukuthi amaphoyisa abuye ahambele izindawo zezigameko ezihlasimulisa umzimba kubalwa izingozi zomgwaqo.
Wathi benze isiphakamiso sokuthi ibuyekezwe indaba yokuthi amaphoyisa afakwe mdibi munye nabanye kwi-KWAYS.
“Ngendlela esibona ngayo, amaphoyisa kufanele abe nolwawo wodwa uhlelo lokwelulekwa ngokomqondo, angaxutshaniswa nowonkewonke ngoba okwawo kuhlukile,” kusho uDube.