ILUNGU lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uDkt Zweli Mkhize, lithi ukuhlukumezeka kowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, kunomthelela ongemuhle enhlanganweni.
UMkhize usebenze noZuma kakhulu ezigabeni ezahlukene. UMkhize wayengumgcinimafajikelele ngesikhathi uZuma engumengameli ihlandla lesibili.
UMkhize uthe kwakuke kwenzeke nje baphikisane noZuma ezintweni zomsebenzi kodwa babonisane, balungise baqhubeke basebenze futhi ufunde lukhulu kuyena njengomholi omdala embuthweni. Uthe ukuya kwakhe ejele kwaba yinxeba elibi.
UZuma usanda kuqeda isigwebo sakhe sezinyanga ezingu-15 asithola emuva kokunqaba ukuyovela phambi kwekhomishini. Kumanje uhamba amacala enkohlakalo maqondana nesivumelwano sokuthengwa kwezikhali. UMkhize, ogaqele isikhundla sikamengameli we-ANC, uxoxe neSolezwe ngokukhethekile izolo eLa Lucia, eThekwini.
Uthe nakuba kukhona okunye okudala abantu bakhale ngoKhongolose kodwa nodaba lukaZuma lunomthelela.
“Udaba lukaMsholozi lwasiphatha kabi ngoba kwaba nezinto ezingajwayelekile, iNkantolo yoMthethosisekelo igweba umuntu. Bakhona abanye abangayanga kwikhomishini, zikhona ezinye izindlela zokujezisa umuntu ezazingeke zisibangele inkinga. Ukulala kukaNxamalala esitokisini kwasethusa ngoba usekhulile futhi kwakuneCovid-19,’’ kusho uMkhize.
Uthe uZuma ungumuntu osebenzele izwe kakhulu futhi kwakungafanele aphatheke ngale ndlela. UMkhize uthe kungenzeka ukuthi bakhona ababefuna ukuzikhombisa amandla abo phezu kwakhe.
“Kwamehlisa isithunzi, kwadala inkinga futhi kwavusa uhlevane kubantu kwaba sengathi kukhona ukumcindezela.
“Kwagcina kuyinto ephumayo esandleni kwaba khona abantu ababulawayo, siyakuhlaba lokho kwakungafanele. Kwaba nokuhlukumeza okukhulu. “Uma kunenkinga kufanele ixazululwe ngokuxoxwa.’’
UMkhize uthe uyasola ukuthi kunomkhuba wokuthi kusetshenziswe izinhlaka zomthetho wezwe ukusasazela abanye abantu ngazo kuliwe izimpi zepolitiki.
“Ayinuki ingosiwe, ikhona into eyenza sisole kanjalo. Kubucayi ukuveza ubufakazi kodwa siyahlala siyixoxe le nto kepha igcine iyindlabeyilandula nje,’’ kusho uMkhize.
Uthe ukweseka uZuma bakuqala kudala kusaqala izinkinga zakhe zamacala futhi babebona ukuthi isikhathi esiningi uyasukelwa.