ICIKO lamahubo uMbuso Khoza, liwotha ubomvu ngenxa yesenzo sikangoti wezomculo uSolwazi Musa Xulu, omsola ngokubhimba amahubo akwaZulu nokuthiwa kucasula izinyanya.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo ukuthi uKhoza noXulu baxabane eqoqweni leWhatsapp, lamalungu enhlangano Indonsa, ebhekelele amasiko namagugu esintu.
Kuthiwa uXulu uthi kade kwasa emkhuza uKhoza ngokubhimba amahubo, emtshela nokuthi uvule izandla angeza kuyena babonisane.
Leli phephandaba linenkulumo eqoshiwe lapho uMbuso Khoza ephawula ebhekise kuXulu, emtshela ukuthi akahlukane nokuhamba ebhala ngaye kwezokuxhumana uma enenkinga naye, akamqonde.
Ethintwa uKhoza ethintwa ngodaba uthe akathandi ukwanda ngalo ephephandabeni wathi kodwa ikhona impi ebhekiswe kuyena ngoba wenza amahubo, akazi ukuthi ubangiswani. Akaphikanga ukuthi iphimbo eliputshukile ngelakhe futhi ezwakala ukuthi ucikekile ngokugxekwa nguXulu.
USolwazi Xulu uthe akukho ingxabano kodwa yena ubezama ukweluleka ngoba kukhona akubona kungahambi kahle ngamahubo kaKhoza.
“Amahubo awaculwa agwabuzwe asheshiswe ngoba yinto ewumthandazo yokuxhumana nabaphansi. Ngenza ucwaningo lweziqu zobudokotela ngibheka amahubo ngo-1992 eNyuvesi iKwaZulu-Natal (UKZN). Ngaba ngowokuqala omnyama ukuthola iziqu zobudokotela kwezomculo. Ngiyayazi into engikhuluma ngayo,’’ kuchaza uXulu.
Uqhubeke wathi wasebenza noMntwana uGideon Zulu, ngenkathi enza ucwaningo ngamahubo futhi uwazi ukusuka nokuhlala. UXulu uthe bona njengezifundiswa banomsebenzi wokulekelela umphakathi ngoba akusizi ukuba neziqu kodwa bengasizi ngalutho ezweni. Uthe kuningi okonakalayo ngokubhimba amahubo ngoba izinyanya ziyadinwa bese ziqhela kulowo mcimbi okusuke kuhlangenwe ngawo.