KULINDELEKE ukuthi adedelwe ngoshwele namuhla u-Oscar Pistorius obeboshwe ejele, iKgosi Mampuru, ePitoli owabulala owayeyintombi yakhe uNksz Reeva Steenkamp.
Isigameko wayesenze endlini yabo ngosuku lwezithandani, uFebhuwari 14, 2013. Enkantolo wathi, wamdubula ngesikhathi esendlini encane, ezitshela ukuthi isigebengu. UPistorius wayengumsubathi odumile ophila nokukhubazeka ewola nezindodo ezingeni lomhlaba.
Okhulumela uMnyango wokuHlunyeleliswa kweziMilo, uMnuz Singabakho Nxumalo, uthe isinqumo sokudedelwa kukaPistorius siza emva kokuthi ibhodi likashwele, iCorrectional Supervision and Parole Board (CSPB) lathatha isinqumo ngoNovemba nyakenye ukuthi adedelwe ngoshwele.
“Isinqumo saleli bhodi sisamile namanje yingakho ezodedelwa,” kusho uNxumalo.
Uthe uzogadwa njengezinye iziboshwa ezidedelwe ngoshwele ukuthi imibandela yokukhishwa kwakhe ngoshwele uyayilandela yini kuze kufike isikhathi sokuphela kwesigwebo sakhe ngoDisemba 2029.
Phakathi kweminye yemibandela ayinikiwe ukuthi angaxoxi nabezindaba.
“Kufanele achithe amahora athize ekhaya lakhe, njengoba kuye kwenzeke nakwezinye iziboshwa ezidedelwe ngoshwele. Kufanele angabuphuzi utshwala kanjalo nokusebenzisa izidakamizwa. Okunye okumqoka ukuthi azibandakanye ezinhlelweni zomphakathi zokulwa nokuhluknyezwa kwabantu besifazane, ezihlonzwe yibhodi leCSPB,” kusho uNxumalo.
Nakuba ezophuma ngoshwele uPistorius, umndeni kaNksz Steenkamp ubulokhu uzwakalise njalo ukuthi awukholwa ukuthi ukufanele ukunikwa ushwele.
Nyakenye, uNkk June Steenkamp, ongunina kamufi, wabhala incwadi enza izethulo ebhodini likashwele (CSPB).
Wathi ubona sengathi akazisoli uPistorius emuva kwento ebuhlungu kangaka ayenza kubona.
“Ukuzisola nokuhlunyeleliswa isimilo kuhambisana nokuthi umuntu ahlambuluke ngakho konke nangokwethembeka ngobugebengu abenza bese amukela nesijeziso. Akekho umuntu ongathi uyazisola kodwa ebe engakhulumi iqiniso lonke,’’ washo kanje uNkk Steenkamp, encwadini.