UMBUSO umkhiphe phambili umrepha nongumethuli wezinhlelo zethelevishini, uJub Jub, emacaleni obegebengu abebekwe wona obekubalwa kuwo izinsolo zokudlwengula, ukuzama ukubulala nokushaya kanzima ngoLwesine.
Encwadini ethunyelelwe abameli bakaJub Jub, ogama lakhe lokuzalwa wuMolemo Maarohanye, ngoJune 20, oyibamba likasekela mqondisi womshushisi eGoli, uTebogo Maodi, uthe emva kokucubungula imininingwane yecala abanayo, kanjalo nombiko womshushisi, babone kufanele ahoxiswe wonke lavmacala abebekwe wona ngoba akukho okufakazela ukuthi kumele uJub Jub ashushiselwe wona.
“Ngakho-ke izethulo zenu ziphumelele futhi necala selihoxisiwe,” kusho uMaodi ngezimfishane.
UPhindi Mjonondwana wophiko lwezokushushisa iNational Prosecuting Authority, uyiqinisekisile le ncwadi, wathi emva kokucubungula idokodo lecala, umbiko womshushisi nezethulo ezivela ehhovisi lomshushisi omkhulu, babone kunganele ukwenza kufanele ukuthi ummangalelwa ashushiswe.
Kuzokhumbuleka ukuthi kuze kufikwa lapha nje, uJub Jub wavulelwa icala ngowayeyintombi yakhe, u-Amanda Du Point, ongumethuli wezinhlelo zethelevishini nomlingisi, embeka icala lokuthi wamhlukumeza ngokocansi, icala lavulwa esiteshini samaphoyisa iBrixton, eGoli ngo-2022.
Ngaphambi kokuvula icala, u-Amanda waqala ngokuqopha i-video wayifaka ekhasini lakhe lika-Instagram, lapho ayesola khona uJub Jub ukuthi wamdlwengula.
Lokho kwenzeka emva kokuthi uJub Jub ayemenywe ohlelweni lukaMacG lakwiYouTube, iPodcast and Chill, lapho akhuluma khona izinto ezilumelayo ngo-Amanda.
Abewu-14 uma esewonke amacala abekwe uJub Jub, kanti wonke ahoxisiwe okwenza losaziwayo wodumo lwengoma ethi Ngikhokhele abe ngokhululekile manje.
Esitatimendeni asithumele abezindaba khona izolo, uJub Jub ubonge ithimba labameli bakhe ngokumsiza atholwe engenacala kuwo wonke amacala abebekwe wona.
Uthe ukutholwa engenacala kwenza akhululeke futhi kwehlise umthwalo empilweni yakhe, ngakho uyabonga kubo bonke abame nayo kuzo zonke lezi zimo abebhekene nazo.