UPHENDUKELWE amakhansela eqembu lakhe uMengameli weTeam Sugar SA (TSSA), uMnuz Musa “Shukela” Thwala, okhishwe esikhundleni sephini lemeya kuMasipala waseNewcastle.
Isolezwe lithole ukuthi amakhansela amane eTSSA avotele isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaThwala emhlanganweni womkhandlu obungeledlule.
Kulo mhlangano amakhansela avumelane ngokuthi uThwala akhishwe esigungwini esiphezulu, bese isikhala sakhe sithathwa elinye ikhansela leTSSA.
Ukukhishwa kwakhe esigungwini esiphezulu kusho ukuthi uzophunyukwa nayisikhundla sokuba usihlalo wekomiti elibhekelele ingqalasizinda yamanzi nemigwaqo.
I-TSSA inamakhansela ayisikhombisa kulo mkhandlu, ibambisene ne-IFP ekuphatheni.
Amakhansela eTSSA ayekade eyalelwe ukuthi angalubhadi emhlanganweni.
Ngaphambilini, uThwala wake waveza ukuthi akanelisekile ngokubambisana kwabo ne-IFP kuMasipala waseNewcastle, kuvela ukuthi amakhansela eqembu lakhe ahlukene phakathi ngalolu daba njengoba kukhona asafuna beqhubeke nokusebenzisana ne-IFP.
USomlomo womkhandlu, uMntwana uThengi Zulu, uthe uThwala ukhishelwe ukulova emihlanganweni.
“Walova emihlanganweni emithathu yesigungu esiphezulu elandelanayo. Sibe sesivumelana ngokuthi akhishwe esigungwini esiphezulu. Naye uThwala uyazi ukuthi umthetho awuvumi ukuthi ikhansela lilove emihlanganweni emithathu elandelanayo.”
Amakhansela e-ANC nawe-EFF awazange alubhade emhlanganweni.
UMntwana uThengi uthe wonke amakhansela ayazisiwe ngomhlangano, kodwa amanye akhetha ukungezi.
Uthe uThwala ubazisile ukuthi uzokuphonsela inselelo ukukhishwa kwakhe esikhundleni.
“Wangishayela ucingo emva komhlangano, wathi angimthumelele amaminithi omhlangano. Wangitshela ukuthi abameli bakhe bafuna ukuthatha izinyathelo. Ngimtshelile ukuthi amaminithi omhlangano uzowathola uma esephasisiwe. Naye uyazi ukuthi amaminithi awukwazi ukuwathola ngokushesha, kufanele aqale alungiswe, bese eyaphasiswa emhlanganweni womkhandlu. Thina sanelisekile ukuthi kwalandelwa yonke imigomo ngesikhathi kunomhlangano.”
UThwala uthe ubengakayitholi into ebhalwe phansi esho ukuthi usekhishiwe esikhundleni kodwa wathi usephuciwe imoto yomkhandlu nabaqaphi.
“Kuyangikhathaza lokhu kokuthi ngiphucwe abaqaphi njengoba kunenkinga yokubulawa kosopolitiki KwaZulu-Natal. Ngizokuphonsela inselelo ukukhishwa kwami ngoba akuzange kulandelwe imigomo.”
UThwala uthe azothathelwa izinyathelo zokuqondiswa ubugwegwe amakhansela eTSSA ashaya indiva umyalelo wokuba angayi emhlanganweni.
“Isigungu esiphezulu kwiTSSA sahlala phansi, savumelana ngokuthi amakhansela eTSSA angayi emhlanganweni ngoba sasingajabule ngezinhlelo ezithile. Uma sesithole amaminithi omhlangano, sizothatha izinyathelo ezifanele.”