UNGQONGQOSHE wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, uxwayisa ngokuthi uhulumeni wakuleli angase aphelelwe yimali maduze, uma iminyango kahulumeni iqhubeka nokuyisaphaza.
UGodongwana uthe iBhange loMbuso iSA Reserve Bank, liqagula ukuthi uhulumeni uzophelelwa yimali ngasekuqaleni konyaka ozayo uma kungakhalinywa ukuxhashazwa kwemali.
Lesi sexwayiso usikhiphe ngesikhathi ethula inkulumo yosuku emcimbini wezinsuku ezintathu obuhlelwe yiKgalema Motlanthe Foundation obuseDrakensburg, ngempelasonto.
UGodongwana uthe isimo sezimali zikahulumeni wakuleli asisihle kanti ngakolunye uhlangothi ukuchithwa kwemali kuyaqhubeka nokudla lubi.
Uthe uhulumeni uzophelelwa yimali ngasekupheleni kukaMashi, uma kungenziwa lutho ngesimo esiqhubekayo.
“Uma sibuka indlela imali esetshenziswa ngayo kusobala ukuthi sizokuba nenkinga ekuqaleni konyaka ozayo. I-SA Reserve Bank iqagela ukuthi sizophelelwa imali maduze kunalokhu ebesikulindele.”
UGodongwa uthe okunye okubeka uhulumeni engcupheni yokuphelelwa imali, izikweletu. Uthe uhulumeni wakuleli ucwile esikweletini sikaR4.5 trillion.
“Uhulumeni usebenzisa imali enguR336 billion njalo ngonyaka ukukhokha izikweletu. Empeleni imali ekhokhela izikweletu iyona edla ingxenye enkulu yesabelomali. Kwisabelomali sakulo nyaka, amaphoyisa abelwe uR111 billion, ezempilo zabelwe uR253 billion, ezemfundo zona zabelwe uR306 billion. Lokhu kusho ukuthi izikweletu izona ezabelwe imali enkulu.”
UGodongwana uthe inkohlakalo, ubugebengu nokucishwa kukagesi kunomthelela ongemuhle esimweni sezezimali kuhulumeni njengoba ekhale ngokuthi lezi zimo ziphazamisa ukukhula komnotho.
NgoLwesithathu, uGodongwana uzokwethule isabelozimali samaphakathi nonyaka wezimali, ePhalamende.
UGodongwana uthe enkulumeni uzomemezela izinhlelo zokwehlisa ukusaphazwa kwemali kahulumeni.
“Kufanele siqhamuke nezindlela zokunqanda ukuchithwa kwemali, isimo esibhekene naso asisihle.”
Khonamanjalo: Owayengumengameli, uMnuz Kgalema Motlanthe, uxwayise ngokuthi sekusele kancane omasipala bakuleli baguqe ngamadolo.
UMotlanthe obekhuluma kulo mcimbi ophele izolo, uthe iningi lomasipala bakuleli lisesimweni esingesihle.
“Ngokombiko weHhovisi likaMengameli, u-90% kule mikhandlu engu-257 usesimweni esingesihle. Iningi lalabo masipala bayahluleka ukusebenzisa imali abasuke babelwe zona. Kubalulekile ukuthi kulungiswe zonke izinkinga ezibhekene nomasipala.”